Umbono: ISilo sitholakale singenacala kwelenkulomo enenzondo

2016-09-30 16:01

Johannesburg – I-SA Human Rights Commission (SAHRC) ithi ayikholwa ukuthi iSilo sesizwe samaZulu, uKing Goodwill Zwelithini, sinecala lokugqugquzela nokusabalalisa inzondo kubantu bokufika enkulumweni ayenza ePongola, KwaZulu Natali, mhlaka-15 Mashi 2015.

IKhomishana ithi ukutolikwa kwenkulumo yeSilo olimini lwesiZulu , itolikelwa kolwesiNgisi, kungenzeka ukuthi kuwulahlile umqondo wenkulumo.

Ngokwale Khomishana, abukho ubufakazi bokuthi le nkulumo yeSilo ihlobene nezigameko zodlame nokuhlaselwa kwabantu bokufika eSipingo kanye nasezindaweni ezingomakhelwane mhlaka-30 Mashi 2015.

Nansi imibono yabafundi ngalolu daba:

Siphephelo Sithole Lol!! sathi iSilo ukube uthe "phezu kwabo" ngabe aksalanga ngisho noyedwa wokfika, impela akashongo ukuthi abashawe, abantu nje ababedlala ubuqaba

BraZakes Induna Mdluli Basatheleka kuleli kunothi behambe Admin buka nje nesomiso esingaka bafika naso lapha. Kufanele bakhelwe amaRefugee Camp hay ukth behambe bedayisa nje kdwa ke sothini ikwampunzi edla emini ngapha. Kwamanye amazwe awuvele udayise nje ngoba benza.

Sangiswa Ngungu Aibo hloniphani ongangezwe lakhe ungaphenya uphenyani, ngoba uzosho lento abamphenya ngayo. Kuyovutha ipoint nayoyonke lemijondolo yabokufika. Siyamlalela lo muntu siyakhothama kuye. Kodwa bona baxoshwa yini emakubo bengasavakashi nje hhayi, akuphenywe lokho.

Andile Mkhize Ha ha ha enjani inkulum elumelayo kodwa ingabi nanzondo?uMAHLULELI womlungu ubonile ukuthi ey uma ngike ngathi iSILO sakhuluma inkulum enenzondo buzochitheka bugayiwe ngampela.ngoba bekzochaza ukuth iSILO kumele syobhadla eJELE ngoba kwafa abantu bangaphandle abawu7.so umlungu lol ugweme impi la.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...