UMBONO: Iqiniso ngokuhlupheka kwabantu alisakazwa, sifunzwa uZuma

2017-11-04 11:00

eThekwini - Ukube abezindaba nongxiwankulu balandela izindaba zezinkinga zabasebenzi kanye nokucwasana ngendlela efanayo nalela abalandela ngaye ekaJacob Zuma, abakwa-Gupta kanye nezombusazwa, ngabe siyayibona inqubekela phambili ekulweni nezinkinga zokungalingani, wukungabekezelelani kanye nokucwasana kuleli.

Izinkulungwane zabantu bakuleli abasebenzi, Izinkulungwane zabantu abasebenza emapulazini bahlukumezekile futhi bahola u-dankie, isonto nesonto kuvela izindaba zokubulawa kwabantu ikakhulukazi izingane emapulazini, kodwa do ukuvezwa.

Baningi abantu abasebenza emafemini futhi baneminyaka besebenza emafenini, kodwa basahola ushintshi, ngeke uzibone lezo zindaba zisakazwa, kuphela sifunzwa uZuma nomndeni wakhe.

Abafundi babhikishela imfundo yamahhala, esikhundleni sokuba kudingidwe izisombululo zokuthi kungenziwanjani ukulwa nenkinga yabafundi abangenawo amandla okukhokha emanyuvesi, abafundi abangenazo izindawo zokuhlala emanyuvesi, cha, siboniswa ukuhlukunyezwa kwabafundi nodlame olwenziwa ngamaphoyisa.

Nsukuzonke kusungulwa izinhlangano ezilwisana noZuma, kuyasakazwa ngazo, ziningi izinhlangano ezisezindaweni zasemakhaya, ezilwela ithuba lokunakwa nokuqhakanjiswa kwemisebenzi yazo, cha, ubani uzosakaza ngento enhle eyenziwa ngabantu basemakhaya.

OLUNYE UDABA:#ZumaVote: Inkunzi emidwayidwa uMengameli uJacob Zuma akayindawo

Kuhle ukusakaza ngabantu basemakhaya uma bebulalana, bedlwengulana, bedubulana noma ukuveza inhlupheko yabo uma sekusondele ukhetho.

Cha asisho ukuthi asifihlelwe okwenziwa wuZuma nabakwaGupta, kodwa ngempela ngempela, zingakhi izimali ezichithwa kuphenywa, kuyiwa ezinkantolo futhi kusungulwa izinhlangano ezizophenya.

Wawuke wayibona nini indaba kumabokude eveza ukuhlupheka kwabantu abasebenza emafemini? Angisayibali eyamaholo wabantu basemakhishini nezinga lemisebenzi abayenzayo? Bona abalimi abebebhikishela ukubulawa kwabo, angikhumbuli bebhikishela ukuthi bayazwelana nokuhlupheka kwabasebenzi babo nokubulawa kwabasebenzi behlaselwa  ngabanye abalimi.

Izinkantolo zasemakhaya zihlezi ziqula amacala abantu ababulawa emapulazini, lutho ukubona abalimi beseba abasebenzi, kodwa bona bakhala ngokubulawa kwabo.

Yebo izigameko zokubulawa kwabantu ziyinkinga yezwe lonke, kungani uma abathile kumele sikhale sonke, kodwa uma kuxakeke abanye, kuthi nya.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...