UMBONO: Bathokoze kakhulu abahola imali 'yeqolo'

2018-02-22 12:36

KwaZulu-Natal - Kube yintokozo yodwa ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi uNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba ememezela ukunyuka kwesibonelelo sikahulumeni sezingane.

Yize iningi labantu lithokozile ngalokhu ngoba lithi kukhona imindeni ephila ngayo le mali futhi ukunyuka kwayo kusho ukuthi bazokwazi ukuphefumula ngoba ukudla sekuyabiza ezitolo, banye bakhala ngokuthi ukunyuswa kwale mali kuzokwandisa ubudedengu balabo abazoya ocansini olungaphephile ngoba bazi ukuthi uhulumeni ozobondlela izingane zabo.

Umuntu onezingane ezine uzothola imali engango-R1 600 ngenyanga nokungaba yimali engakwazi ukulekelela ekhaya kuthengwe ukudla.

OLUNYE UDABA:#BudgetSpeech2018: Zinyuke zonke izinhlobo zezibonelelo zikahulumeni

Lokhu akubathokozisanga kangako abantu abasebenzayo abakhala ngokuthi iyababulala intela.

"Ukwenyuka kwemali yeqolo kuyasibulala thina ngoba lokhu kusho ukukhula kwentela esikhokhaya kodwa iholo esilitholayo lisami ndawonye," kusho omunye ezinkundleni zokuxhumana.

Nansi imibono yabanye abantu:

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...