UMBONO: ‘Baba uKhoza sicela usilandele uKrol noma uMashaba’

2017-08-02 19:34

Durban – Ingingi labalandeli be-Orlando Pirates selizwakalise intokozo kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi seligqabukile igoda phakathi komqeqeshi uKjell Jonevret nalezi zinkunzi zaseSoweto.

IBuc imemezele ukuthi lo mqeqeshi ufake incwadi yokwesula ngemuva kwezinyanga ezingu-6 nje kuphela ekule kilabhu.

UJonevret waqokwa njengomqeqeshi weBucs ngomhlaka-20 kuFebhuwari – ethatha izintambo kuMuhsin Ertugral – kanti manje esikhathini esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha ekulesi sihlalo esishisayo usesulile ngemuva kwemiphumela engemihle.

OLUNYE UDABA: Usesulile umqeqeshi wePirates, uKjell Jonevret

Yize noma bekhona abakholwa ukuthi uJonevret kudlalwe ngaye njengoba bethi inkinga yePirates abadlali uqobo, kodwa abanye bathi liphume nobomvu ngokuhamba kwalo mqeqeshi obeseqala ukuba nesigcwagcwa kwabanye babalandeli ngenxa yemiphumela engemihle.

Zifundele ukuphawula okwehlukene kwabafundi beZindaba24 okucashunwe kuFacebook kanye nakwiTwitter:

Stillfunky Mntwana - Akahambe vele akazi lutho, ngambona efika nje.

Bucs E-Bergville Sthembiso - Zimnandi lezo zindaba, wenze kahle ahambe vele behluleka kakhulu. Manje iPirates kumele imemezele omunye masinyane ukuze ezothola ithuba elanele lokuba nabadlali bePirates.

C'ya Man'SeLector - Kwesinye isikhathi uma ungumuntu udinga inhlahla nje kuphela, Le ebisazobuya nakuBucs, uma ungabuka iChiefs uzobona ukuthi izinto sezithanda ukushitsha, ngokubekezela nje kuphela...

Simon Nkwanyana - Kodwa uKhoza ukube wayivuselela i-contract kaRud Krol ngabe ayikho yonke lento. Nalo mqeqeshi ozothatha naye kuzoba yiso lesi, uzohamba kungakapheli nesizini.

Lindane Nyambose - Wenzekahle azisulele yena ngoba kungenjalo sizozibambela yena thina mathupha, asibona nje oMagebhula ngegama kugebhuka umhlaba kamaspala mtakababa.

Madikane Lizo Manlee - IMedia yaseMzansi Africa iyakwazi ukumgxoshisa umuntu emsebenzini. Benze lento nakuMashaba, manje yilo wePirates.

Solo Mdlalose - Akekho emhlabeni umqemqeshi ongamelana nalento.

Bheki Bheki Ndlovu - Siyabonga yize usule seku-late. Muningi umonakalo awudalile.

Maningi Ningi Mamillion - Owesingakhi umqeqeshi esula eqenjini elilodwa?

Nkosinathi Thango - Kwakuvele kubonakala.

Nhlanhla Mtopiya Mdanda - Liphume nobomvu we-admin.

Mlambo Bonga - Akasulanga uxoshiwe.

Mbongi DlaminiWenze kahle. Ufike waqopha umlando omubi.

Senzo B Gumede - Baba uKhoza sicela usilandele uKrol noma-ke uMashaba.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...