UMBONO: Ayavela amaqiniso ngezinhloso ze-DA

2017-08-11 07:01

Durban - Iqembu le-DA lali khankasela ukwesekwa yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika libambisene namanye amaqembu aphikisayo ePhalamende ukuba kuketulwe uMengameli wezwe.

Leli qembu lalilokhu lishilo ukuthi inhlosongqangi yalo wukukhipha umengameli ngoba esenindwe ngobubende kaningi ezehlakalweni zenkohlakalo kanti nombiko wokugodlwa kombuso wumndeni wakwaGupta uveza ukuthi lo mndeni usuthole amandla amakhulu wokulawula uhulumeni wakuleli nokuyinto engeyinhle neze.

Kuze kube yimanje, ziyisishiyagalombili izicelo ezaphasiswa zamavoti okuketula umengameli esikhundleni sakhe. Evotini lokugcina elenziwe ngoLwesibili, amaqembu aphikisayo ahlanganyela ndawonye esho ngazwi linye ukuthi kuzoba wusizo olukhulu kuwona uma leli voti lingenziwa ngokuyimfihlo ukuze kuvikelwe amalungu e-ANC nawo athi awasamfuni umengameli kodwa-futhi ayasaba ukuphumela obala ngalokhu.

Ngemuva kwemikhankaso yezinyanga kanye nesicelo esafakwa enkantolo yomthetho sisekelo, uSomlomo wePhalamende wagcina eligunyazile leli voti.

Yize kunjalo, uMengameli uJacob Gedleyihlekisa Zuma, waphuma phambili nokuyinto eyamangaza amaningi.

Umholi weDemocratic Alliance (DA) uMmusi Maimane usecele ukuba kuhlakazwe iPhalamende kulandela ukungaphumeleli kwesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

UMaimane uthi abantu baseNingizimu Afrika abasalethembi iqembu elibusayo, i-Afican National Congress.

"IPhalamende kumele lihlakazwe,” kusho uMaimane etshela izintatheli esithangamini sabezindaba ngoLwesithathu.

Kungani eseqhamuka necebo lokuhlakaza uhulumeni, kanti inhloso yaleli qembu wukwenzenjani? Ngabe bahlose ukuketula umbuso ukuze bazothatha izintambo ngenkani?

NANSI EMINYE YEMIBONO YABAFUNDI:

Vusumuzi Roy Thwala Izinhloso ze-DA ukuthi kuhlakazwe i-ANC ngoba abanayo enye indlela kodwa iyona lena ngoba i-ANC ithule kuzokwenzeka sobuyela emabhunwini ngendlela eseyenza ngayo isiyalwa futhi isiyaphoqa kuba kwenzeke ngenkani izinhloso zayo sebephumile ekwenzeni ngentando yeningi kodwa sekufanele kwenziwe ngentando yabo abamhlophe lokho kosibuyisela emva lento yabo.

Gavu Lungisani Mtoto I-DA inelungelo lokwenza lokhu, khumbula i-ANC izivezile uba izibeka yona phambili, abahlali emva, emva kwazozonke lezinkinga sezidalwe nguZuma, kodwa bona bathi basaxhasa uZuma, nami ngiyavumelana ne-DA.

Mbongeleni Mazwi Malahla Ndlovu i-DA isiziveza ubunjalo bayo sengiyabavumela laba akade bethi inhloso yabo ukuketula ANC hay uMsholozi. Obaba Holomisa (UDM) usekubebe kwacaca ukuthi elakhe iqembu aluwungeni lowomsangano. Bengiyithemba i- DA kodwa ngathi nayo iyafathuza manje.


UZungu UMbuso KaManzini
 Uma i-ANC yethu ikhethe ukuma nalo Zuma okhohlakele, kuyacaca ukuthi shuthi yonke ikhohlakele! Vele shuthi fanele kukhishwe yona yonke. Ey bayona abantu inhlangano siyithanda.

Mzwah Nicky Phungula iDA izohluleka kule mizamo yayo ngoba inkantolo izobachitha ngokuthi alikho icala elilahle uhulumeni, ngeke kushintshwe ikhabinethi ngezinhloso zabathize abanganelisekile. I-ANC isengaphinda ithole ithuba lokuvota ezishayamthetho zezifundazwe uma inkantolo ibavumela kodwa umthetho awubavumeli ngoba alikho icala.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...