Umbono: Asikuboni ukubaluleka kokuvota!

2016-04-09 11:03

Durban - Le yimpelasonto yokugcina yokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni bezindawo oluzoba ngomhlaka-3 Agasti nonyaka.

Sibe sesibuza abafundi bethu ukuthi ngabe sebebhalisile yini, nokuthi bayakubona yini ukubaluleka kokuvota.

Nazi ezinye zezimpendulo esizitholile:

Dephne Dee - Cha angsiboni angikaze ngezwakala bafekethisa i-project yami ngaphucwa nezincwadi zayo kuthiwa ngiyokhulunyelwa kumasipala. Angisoze nje ngaphinda ngavota ngoba ngale project ngabe umntanami wenza unyaka wokugcina enyuvesi, kodwa uhlezi ekhaya.

Fiona  - Cha angisbonifuthi angeke ngiye, iPhalamende loMzansi linegxabano eningi nomengameli esinaye uzikhipha isithunzi nje kunini kukhulunywa ngaye.

Sibiya Nhlanhla - Nami angizikhumbuli ngibhalisela ukuvota futhi ke anginazinhlelo zokufuna ukubhalisela ukuvota kulo nyaka cishe ngingazibona ngiya kovota uma nje sekuvotelwa umuntu hhayi lo mbhedo wokuvotela amaqembu ezepolitiki angenalusizo lwalutho.

Zandile Luyah Gumede - Abanandaba nokusiza abantu ukuthi bathole omazisi kodwa banendaba nokufuna ukuvotelwa. Kunabantu abahluphekile abanawo amapasi ngenxa yezimo abazalelwe phezu kwazo abasize bona kuqala.

Dennis Borman - Ukuvota akubalulekile ngoba ekugcineni asibi nezwi kusebenza elasePhalamende kuvotelwana ngobungani.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...