'UMaskandi usufana nemboni yamatekisi kanjalo namaqembu epolitiki'

2017-05-01 13:59

Durban -  Kuthiwa kudutshulwe kwabulawa uGxabhashe obeyinduna yabalandeli beChalaha kudutshulwa emcimbini kaMaskandi eCurries Fountain izolo ebusuku, akukacaci kahle ngomlandeli waMageza Amahle osesibhedlela okuthiwa uhlinzwe ebusuku wakhishwa inhlamvu, kanti bayisithupha abanye abalandeli abasezibhedlela nabo abalimele.

Baphawule kanje abafundi:

UMphori Griva Umaskandi uthe: Usufana nebhizinisi lamatekisi! Usunezinkabi ngaphakathi uyangethusa manje sengisaba nokuwudlala impela kwazibani ngingaze nami ngibulawele emotweni ngokuzidlalela umculi engimthandayo ngivulele phezulu ngcono ngibuyele kowe-House.

UCyril Mzwakhe uthe: Weh umaskandi usaphenduka amaqembu ezopolitiki noma inkabi zabanikazi bamatekisi, ingakho ngidlala umculo walaba abadala. Le genge yamanje isiyabheda, kuhle ngizidlalele uPhuzekhemisi, Abafana basemawoti, umfazomnyama, ngikhohlwe ilaba bamanje.

UDumisani Maseko uthe: Yingakho ngiwunyanya mina umaskandi ngawubona ukuthi unodlame. Bonke abaculi bawo bazenza ngcono, awuhlikile nembhoni yamatekisi kuyadutshulwana kufe bantu. Ayikho inhlonipho.

USihle Madondo uthe: Ufana nepolitiki abantu bakithi, abamnyama balwe bashone, laba abaphezulu ezikhundleni abathinteki.

Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni.


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter        

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...