Thola ukudla koMphefumulo nomfundisi uNgcobo eMtuba

2017-09-03 18:50

Durban - UMfundisi uSiyabonga Enough Ngcobo, 31, ungomunye wabafundisi abasebancane ngokweminyaka kodwa, wenza omkhulu umehluko emphakathini wangakubo eMtubatuba.

Lo Mfundisi oneziqu zezifundo zezoMthetho kusukela eNyuvesi yaseZululand, wawuqala esafunda enyuvesi umsebenzi wakhe wokuvuselela abantu nokukhuthaza ontanga ngezwi likaNkulunkulu.

Lokhu kwamvulela izikhundla eziningi ezinhlanganweni ezifana neChristian Society kanye nakwi-Student Society khona kule nyuvesi.

Ngemuva kokuphothula iziqu zakhe ngonyaka ka-2009, uNgcobo wasebenzela le nyuvesi ngaphambi kokuba ajoyine inkampani yabammeli eMtubatuba.

Konke lokhu kwenzeka-nje, uqhubeka nomsebenzi wokuvuselela umphakathi endaweni yangakubo, lapho abehlela khona imikhuleko, ehambela ezindaweni ezahlukene eshumayela izwi kwaze kwaba wukuthi ujoyina ibandla iFree Evangelical Assemblies.

Wakhula kuleli bandla waba ngumvangeli waze wazivulela elakhe igatsha endaweni yakwaShikishela, eMtuba.

Uthando lokuvuselela, wukukhuthaza nokuqhuba izwi likaNkulunkulu yikona okwamholela ekusunguleni i-Pillar of fire crusade, nokuwuhlelo lwemvuselelo ayisungula ngo-2014.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa axwayise ibandla lakwaShembe

Ngalolu hlelo, lo mfundisi uyaye ameme abanye abafundisi bendawo ukuba bahlanganyele ndawonye ngazwi linye ukumema abantu ukuba basondelane noNkulunkulu, ukukhuthaza abantu bavuseleleke emoyeni kanye nokubuyisa ithemba emphakathini.

“Ziningi izimo ezingezinhle abantu ababhekana nazo emphakathini, yingakho kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi sihlanganyela ndawonye nomphakathi ngomkhuleko,” kusho yena.

Kulo nyaka, banohlelo abalubiza nge-Soul Winnig Revival, kusukela ngoMsombuluko ngomhlaka 4 kuya kumhlaka -16 Septhemba kusukela ngo-18h00 kuze kube wu-21h00 ebusuku eMfekayi, kwaNgqo.

“Kubalulekile ukunika abantu ukudla komphefumulo, kuthi nalapho umuntu esephelelwa yithemba, athole imvuselelo, akhuthazeke emoyeni wakhe,” kuqhubeka uNgcobo.

Kulo mcimbi kumenywe intandokazi yomsakazo u-Ayanda Msweli odume kakhulu ngamancoko akhayo lapho ethula khona isimo sesiminyaminya emgwaqeni.

UNgcobo uthi umeme uMsweli ngoba ebamba iqhaza elibalulekile emphakathini ngekhono lakhe lokukhuthaza abantu ebe ebanika ulwazi olubalulekile.

"UMsweli siwuhlonipha kakhulu umsebenzi wakhe futhi sibone kukuhle ukuba naye ngoba ungumuntu othandwayo nohlonishwayo emphakathini wangakithi."

Kuzobe kukhona noBabo Ngcobo odume kakhulu ngokubusisa abantu ngomculo wowokholo.

UNgcobo uthi lo mcimbi ungowokuvuselela umphakathi futhi uvulelekile kubo bonke abantu.

Abafundi abaseMtubatuba abanentshisekelo yokuba yingxenye yalolu hlelo bangaxhumana nomfundisi ku-035 550 0269.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...