UMBONO: Siyakhathala yile Soweto Derby esiphelelwe wushatini

2017-10-22 11:23

eThekwini -  Abalendeli bebhola bazogcina bengasayingeni indaba yeSoweto Derby njengoba isiphelelwa wushatini.

Okokuqala, womabili lawa maqambu abethathwe njengamaqembu ahamba phambili kuleli, ngisho engadlali womabili kodwa abantu babephuma ngobuningi babo beyobuka amaqembu abo enza ezibukwayo.

Akuyona indaba yamagoli kuphela eyayijabulisa abathandi bebhola, izitayela, ukuphatha ibhola, ukulivimba, yimidanso eyayenziwa abadlali.

Baphelelaphi laba badlali ababeshaya isitayela se-tsamaya, ngisho umuntu owayekushaya ngeshibobo uphathwe amahlanu ngoba kuyokhulunywa ngawe inyanga yonke? 

Uma kudlala lawa maqembu, sesithuka ewinili ngoba izinga lawo selehle ngandlela emangalisayo. 

Uma amaBhakabhaka edlala namaqembu ayethathwa njengamancane, abalandeli babejabula ngoba bayazi iqembu labo lizozitamuzela, hhayob manje sebabhaxabulwa ngo-6-1 kungabindaba zalutho.

OLUNYE UDABA:UKomphela ukuthola kunzima ukuhlelela iPirates

Uthini ngamaKhosi, uvele ubone kahle ukuthi uzoqhamuka umqeqeshe esekhipha isiNgisi sakhe esingazwakali singazi nokuthi ukhulumani ngoba abafana bakhe bashaya udaka.

Wagcina nini ukubuka iderby emnandi, kubuywe enkundleni abalandeli bengasakhulumisani ngoba kukhona abathelwe induku.

Ngisho nesimo ekhaya sasivele sishube uma abazali bethatha amaqembu angafani, ukhona ozolala angadlile, ngenxa yokuphoxeka.

Manje, siphoxeka ngokufana sonke ngoba lawa maqembu azixovela ujeqe-nje enkundleni alikho elifuna ukujabulisa abalandeli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...