SIYAGOBHOZA: Yashesha bo ukutholakala koWhatsApp incwadi emayelana noZuma

2017-11-07 19:06

eThekwini - Ziningi izinto ezimangalisayo kuleli, le ncwadi esanda kukhishwa “The President’s Keepers,” sesifunzwa yona ngisho sesisuthi.

Ngempela inhloso yini?

Impela yase ishesha ukutholakala kalula kangaka ezinkundleni zokuxhumana ezifana no-WhatsApp nakwezinye izinkundla, kukhona okushaya amanzi.

Njenganini kwenzeka into efana nalena? Ubani oseputshuze le ncwadi futhi yini inhloso yakhe?

Izolo ibikhishwa, namuhla isitholakala mahhala, lithi lingakashoni umlobi wayo usesatshiswa ngokubulawa.

Nisho ukuthi abashicileli bale ncwadi abanankinga ngalokhu okwenzekayo, phela abazuthola inzuzo uma kwenzeka nje.

Kungani ngisola sengathi yinto yamabomu lena, ubani ongakuthandi ukuthola inzuzo ngomsebenzi wakhe, umsebenzi owenziwe kanzima wokuqoqa ulwazi olungaka, luhlanganiswe, kukhokhelwe abahleli bezincwadi kanye nabasizi ukuqinisekisa ukuthi ibhalwe kahle futhi ihlelekile, bese kwenzeka lokhu.

OLUNYE UDABA:BUKA: UZuma uzifikele ngokwakhe ePhalamende ngaphambi kwevoti ‘lokumketula’

Namuhla lomlobi uveze ukuthi kukhona abamsabisayo, kungenzeka yini ukuthi usatshiswa yilaba bantu abhale ngabo?

Uzodinga ukuthi amaphoyisa amvukele noma akanankinga ngokusatshiswa?

Kudala abantu bebhala ngoZuma, kodwa abakaze basatshiswe, kusho khona ukuthi lencwadi iphethe igolide lodwa.

Pho usuke wayifunda yini? 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...