SIYAGOBHOZA: UKhune kuyamthanda ukulimala uma kuzodlalwa imidlalo emikhulu

2017-11-06 19:23

eThekwini - Isithanda ukuyiqapheleka inkinga yokulimala kukanozinti weBafana Bafana u-Itumeleng Khune ikakhulukazi uma kuzodlalwa imidlalo emikhulu.

Angisho ukuthi uyazenzisa kodwa, cha kuyamangaza ukuqondana kwalezi zimo… akusasithusi kangako.

Kulokhu kulindeleke ukuba iBafana Bafana ibhekane neSenegal ePolokwane, lo nozinti esimethembile ngeke aphumelele ukuba sepalini ngoba “ulimele.”

OLUNYE UDABA:Usekude ukubonakala enkundleni uKhune kulandela ukulimala

Kwaba yisimo esifanayo nangesikhathi lapho iBafana Bafana kwakumele ibhekane ne-Cape Verde ePraia. Engikushoyo nje ukuthi sithule nje siyabuka.

Kusengenzeka yini ukuthi lokulimala kwakhe kuyitulo leqembu lakhe lasekhaya lokugwema ukudlala ukuze kungagxekwa yena uma kwenzeka sidliwa, noma wenzela ukugcina irekhodi elihle lokungangenelwa amagoli?

Imibono yabafundi:

Pheh Gazu Kulandela ukuzensisa sengathi ulimele, uMeyiwa wayeyiqhawe.

Kizo Mkizman Ubalekela iSenegal

Sifiso Sengwayo Uyatefa naye wooh sengikhohliwe ubalekela umdlalo weBafana Bafana

Ntuthuko Man T Mhlanga Akasiyeke loyo nokulimala engalimele sesiyamazi uhlale eyenza le nto yakhe. Ngokuzayo besicela kulimale le mbuzi yethu engu-Wayne Sandiland.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...