"S'bindi uyabulala, s'bindi uyaphilisa" - Izinkabi

2016-06-22 14:33

Durban - Umuntu uma ekuthuma ethi hamba uyobulala umuntu ungavumi, kwayisholo iculo likaMaskandi.

Ucabanga ukuthi uzokuthola kanjani ukuthula uma uphilela ukubulala abantu, wena uthengwa ngemali ukuthi ubulale abantu.

Abaziyo bathi uma uphila ngesikhali uzohamba ngaso isikhali, kanti siyabona ukuthi kuyiqiniso lokhu uma silandela udaba lamawele akhethe ukuzithathela umthetho ngezandla ngokubulala izinkabi ezabulala ubaba wazo.

Ungamxolela kanjani umuntu owabulala isihlobo sakho bese ehamba etanasa emphakathini kubukwa yena.

Nansi imibono yabafundi bethu.

Sibusiso Khumalo Izinyane lemvubu alikaze ladliwa ingwenya kwajike kwacweba isiziba , lutho, kwadela uMakhasana yena owazibona zingqubuzana.

Vuyani Memela Noma ungambulala umuntu nawe ezakho izinsuku ziyafika mhlawumbe futhi ngokushesha kunaloku ebekudaliwe. Nami owami ubaba wabulawa izona izinkabi lezo kodwa asizange sazihlupha ngokuphindisela njengoba ngikhulama nje ezinye zazo zinaye ezululwini kumanje. Igazi lomuntu alikho liyabiza.

Bongi Thembelephi Ukuba bonke abahamba ngeskhali nangesandla somuntu babuya kanje ngabe izinga lababulali liyehla. Sengathi angake akubambe ngempama eqhwiza i lion match bangakuboni kubone wena doti. Igazi lomuntu leli.

Siyabonga Seeh Mgabadeli ibuhlungu lento eyenziwa yizinkabi, ubulale umuntu esathanda ukphila ondle izingane zakhe, ungabi nandaba ne pain oyishiyayo emndenini nasezihlobeni zakhe. Angazi ukuthi ukbulala muntu kujabulisa kuphi nje ngampela, masekbulawa wena kzoba mnandi yini.

Thembi Memela Msuthu Abantu basebenza kanzima bese amavila evukwa umuhobholo bavume ukuthengwa babulale abantu benkosi uthini ngezingane zakhe izihlobo kanye nonkosikazi wakhe.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

-Izindaba.News24

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...