MAMGOBHOZI: Umsakazi onjani uNgizwe Mchunu ofuna ukuhamba elwa nezwe lonke

2018-01-03 18:00

eThekwini - UNgizwe Mchunu wafika ngegiya eliphezulu emsakazweni, esakaza umculo wesintu futhi wazakhela olukhulu udumo.

Yena noTshata basibuyisa isithunzi somculo kaMaskandi ngesikhathi besashayela ndawonye uhlelo Sigiya ngoNgoma ngoMgqibelo ekuseni.

Lo msakazi wayeyintandokazi yabaningi, futhi kubonakala ukuthi uthando lomculo wesintu yinto ephila phakathi kuyena.

Ubani obekazi ukuthi kuzohamba kuhambe kubhede izinto aphenduke isinengiso nakubalaleli balo msakazo baqala ukukhononda ngendlela aziphatha ngayo.

Ngale kokukhetha iphela imasini uma kuzomenywa kwabaculi emsakazweni, into ebicika kakhulu abantu yindlela aziphatha ngayo uma engamthandisisi umculi.

Uzwa ngemibuzo ayibuzayo, inkulumo yakhe ebhinqayo, washaya uvala lapho esequlisa umculi izindaba zokuthi wakhuluma ngaye ndawana thize ngakhoke bazobambana.

Kwathi kusabhekwe lokho, uyena ohambe ejaha abantu emicimbini efuna ukubashaya, lapho kukhona yena, ngeke kuhlale kungabi nokukhuluma.

Kanti yena ungumsakazi onjani lo okuhlezi kukhulunywa ngokungaziphathi kahle kwakhe. Bakhona oBK, oNjinji, oTshata, ngeke uzwe kuthiwa uTshata usebonakale ejaha abantu ngequpha.

Ngiyazibuza ukuthi kaze yona le nkampani yakwa-SABC ayinalo uhlelo olufundisa abasakazi ukuba kumele baziphathe kanjani uma beba nezingxoxo nabantu abamenywa emsakazweni nokuthi babhekana kanjani nezimo lapho bengaboni ngaso linye nabantu abasebenzisana nabo?

Okuthusa kakhulu ngalesi siteshi wukuthi nabaphathi boKhozi bavele bathule cwaka, kucace ukuthi bayakuthanda lokhu kuziphatha kukaMchunu.

OLUNYE UDABA: Umlandeli usinde equpheni lomsakazi woKhozi FM emcimbini

Okwenzeke mcimbini kaMaskandi wokuhlukanisa unyaka kube wuvala.

Hhaybo, lomsakazi ubengomunye wabaphathi bohlelo, usishiye sonke sibambe ongezansi.

Kanti ngempela lendoda wundlovu-kayiphikiswa, yinxele phela leli sengifisa nokwazi ukuthi kunjani esitenjini salo.

Ugibele esiteji esekhuluma amagama amakhulu eqophisana nomculi abantu bebuka.

Ngabe uNgizwe wenza lokhu ngoba efuna ukubukwa, noma usuke ecabanga ukuthi bazomhlonipha abantu uma enza lento yakhe yokuba wuphuma silwe?

Lo msakazi ugibele esiteji edinwe egane unwabu efuna ukulwa nomculi kaMaskandi uDSD.

UNgizwe ubekhuluma kwi-microphone ehlasela lo mculi, kodwa lutho ukuthola impendulo kuNjomane ovele wayibeka phansi i-microphone kwabukwa lo msakazi.

Kuthe kusuka lapho kwazwakala lo msakazi ethi uzokhahlela lo mculi, hawu, bashaqeka abantu, ukuziphatha okunjani lokhu?

Kuthe kusenjalo uDJ wadedela ingoma kaDSD ethi: "Sekusele imizuzu eyisicefe kushaye ihora lesidina bese ngiyanyanya ngishaya umuntu."

Uyokhula kodwa umculo kaMaskandi kanye nemicimbi yakhona uma usanikezwa abasakazi abafana noMchunu ukuba baphathe uhlelo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...