MAMGOBHOZI: Sithule siyabuka, impela iYadi lizokumangaza!

2017-09-26 19:30
Mamgobhozi

Mamgobhozi

Durban - Hhayi impela ziyenzeka izinto...sibonile bekukuhle kunjeya, amakhekhe eyinqwaba ematafuleni, uma ngingaphosisi abemathathu futhi emakhulu esiteji.

UJabulani “Mjay” Zama ubehlanganisa iminyaka engu-44 yobudala kanti kulo mcimbi bekukhona nosaziwayo okubalwa kubo uPearl Thusi obesiza lesi sicebi ngokusika ikhekhe waze wasifunza ngisho nokusifunza ikhekhe, amawele ango-DJ, iMajor League, nabanye oDJ abahlukene bebekhona kule ndumezulu yomcimbi.

Umbuzo ovelile ezinkundleni zokuxhumana ngowokuthi uphi umama wekhaya uma uPearl Thusi egila le mikhuba phambi kweningi, kanti yona le ndoda ayishadelwe yini?

OLUNYE UDABA:UMAM'GOBHOZI: UZodwa waseYadini akasiye usaziwayo

Okufike kungixake ukuthi kanti yini inkinga kaPearl Thusi namadoda amadala ngoba usemncane nje, ontanga abekho yini? Zolo lokhu ubebhale enkundleni yezokuxhumana iTwitter ngamadoda amadala ethi ayashesha ukukhathala kwasha kwacima…

Sibonelo sini asinika indodakazi yakhe njengomama onengane yentombazane futhi esakhula, zimanga zini azigila phambi kwale ngane ngoba ngiyacabanga iyabona nabangani bayo bayayitshela esikoleni imikhuba kanina nokubhalwa nguye ezinkundleni kanjalo nokubhalwa ngaye ezindabeni.

Okunye Mjay, angazi noma bekuwumyalelo wakho yini ukupha abantu izingcezu zekhekhe ngale ndlela obuwenza ngayo, ukube ubunesifiso sokubapha bebengekho yini oweta obuzobathumela itafula netafula abantu bathole ucezu lwekhekhe ngendlela efanelekile futhi ehloniphekile. 

Yazi lezi zithombe zibukeka kabi kanjani, ngathi amaphara ekhangeza isinkwa esomile esinsundu elolini yesobho.

 - IZITHOMBE:

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...