MAMGOBHOZI: Kazi ubethenjisweni uJacinta ngokunqoba kukaMthokozisi!

2017-11-20 11:00

Durban - Angazi ngagcina nini ukujabula kanjengayizolo, ngeSonto, uPaxton Fielies edla umhlanganiso emcintiswaneni wokuvundulula ikhono lokucula, ama-Idols SA.

Ungizwe kahle, anginanxa noMthokozisi Ndaba odabuka KwaMashu, kepha bengicasulwa yingqino kaJacinta Ngobese owake wasakaza kuGagasi FM, obekunguye obeqhuba umkhankaso wokuthi kuvotelwe uMthokozisi.

UJacinta negenge yakhe bebengenza ngingalali ngithandazela ukuthi kuwine uPaxton ngenxa yokuthi indlela abekhankasa ngayo ibingathandeki nje.

UJacinta ubebhala egxeka abezindaba ethi abemeseki uMthokozisi bacheme nentombazane. Obekulandela kubangani bakhe abaphawulayo bekuba indelelo nokucwasa uPaxton, okuyinto engiyibone ingenaso isidingo futhi naye ebekumele engabe ubeyikhuza uma yenzeka.

Kusukela lapho ngazitshela ukuthi ngizohamba nalo abamnyongozayo. Indelelo kaJacinta nomhlambi wakhe iqhubeke ngisho sekumenyezelwe uPaxton njengonqobile.

Ubhale udadewethu waze wathuka owesifazane obethokozela ukunqoba kukaPaxton, ethi ivoti lakhe alilahlekanga, hha! kwabe uzithintele kuJacinta nomgengane wakhe.

Mina ngithi nje kwenzeke kahle impela wangawina uMthokozisi, oJacinta bebezomkhukhumalisa ikhanda baze bamonele nezinto.Uyabona nje uma kukhulunywa iqiniso, uJacinta wuye isizathu esidale ukuthi ngingamvoteli uMthokozisi.

Angeke safunzwa umuntu ngenkani ngoba nakhu ewumZulu waKwaZulu-Natal noma sibona kahle ukuthi izinhliziyo zethu kanye namavoti ethu angakolunye uhlangothi.

Isifundazwe akusona esakubo uMthokozisi noma esakwaJacinta, sivote ngemali yethu, nangokuthanda kwethu.

Nangonyaka ozayo uma Jacinta uzokhankasela ozobe eqhamuka e-KZN, kuzomele wehlise umoya dadewethu, ukhulume kabhle nabantu, ungagxeki uma befuna ukukhetha othandwa yibo. Wena ubonxenxa nje ngesihle, njengabo bonke bantu!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...