MAMGOBHOZI: Izintatheli nabasakazi banesandla ekungezwanini kwabaculi bakamasikandi

2017-08-22 18:01

Durban - Mhla abasakazi nezintatheli beqondisisa ukuthi ababona osaziyawo, ubumbano lungabakhona ikakhulukazi emculweni wesintu.

Esikhathini esiningi abaculi abalwi bodwa futhi abacindezelani bodwa, kodwa kusuke kunabantu abathatha imisebenzi yabo bayenze isikhali sokudala uqhekeko embonini yazikaqedisizungu.

Intatheli, umsebenzi wayo wukubhala udaba, ihambele imicimbi ibuye nodaba oluphelele ngakho konke okwenzeka emcimbini. Hhayi le nto eyenzekayo, umuntu aye mcimbini afike abhale okubi kodwa afonele abangani bakhe kwamanye amaphepha babhale indaba eyodwa. Ingani amaphepha awafani ngoba abhala izindaba ezingefani.

Pho manje yini eyenza uthole udaba olulodwa emaphepheni amahlanu ahlukene? Uma intatheli isikwazi ukubhala incike kumculi oyedwa kodwa bebe bebahlanu abaculi abahambele lowo mcimbi, kusuke kunenkinga enkulu ngalowo muntu obhala leyo ndaba.

Yebo, uyintatheli futhi unabo abangani, kodwa uma uthatha umngani wakho umfaka ephaketheni lakho, usebenzisa ubudlelwano benu ukuqhuba umsebenzi, usulimaza izinkulungwane zabantu abathanda umsebenzi wakho kanye nabathanda imboni yomculo osuke ubhala ngayo.

Emsakazweni, ithuba alinikezwe wonke umuntu ngokulingana. Ningalokhu nisifunza umuntu oyedwa izinyanga zilandelana kodwa ningasitsheli ngabanye abantu.

OLUNYE UDABA:'UMaskandi usufana nemboni yamatekisi kanjalo namaqembu epolitiki'

Uzwa kulokhu kuthiwa abanye bangamavukana, baze babe ngamavukana nje babetshele wena yini ukuthi bazoba ngamavukana. Ngoba bonke baqala phansi bakhule, uwena njengomsakazi ophethe ithuluzi elizobavulela amathuba abaculi, bazidayise ebantwini bakwazi ukukhula.

Ubumbano emculweni wesintu lubalulekile. Kwezinye izimboni ngeke uzwe ngezimo lapho abaculi bezizwa bephatheke kabi khona ngenxa yokuthi umsakazi usehlambalaze umculi.

Khona nje abasakazi bayithathaphi indaba yokuqulisa abaculi amacala emoyeni? Uma unenkinga nomuntu kungani inkinga yenu ningayixoxi eceleni?

Uma usufika emsakazweni usuke usuzosebenza njengawo wonke umuntu osebenzayo, uma usuphendula umsakazo inkundla yokubonisa abantu ukuthi wena uyakwazi ukuqondisa izigwegwe ebantwini, uthi makwenziwe njani ngempela?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...