MAMGOBHOZI: OkukaRamaphosa yitulo lokumcekela phansi, okwabanye yiqiniso?

2017-09-04 12:30

Durban - Umbiko mayelana nePhini likaMengameli uCyril Ramaphosa seliveze okukhulu ngokungathembeki kwabezindaba.

Ekuqaleni kwalo nyaka, “kwaputshuka” amameyili okuthiwa abethunyelwa ngabakwaGupta kubantu abangabaholi bakahulumeni okubalwa kubo oNgqongqoshe kanye namanye amalungu asephalamende.

Ngesikhathi kuphuma le milayezo, abezindaba bebesho amashushu bephansi phezulu bavumelana ngazwi linye ukuthi ngempela kuningi okwenziwa ngabakwaGupta ukuqhuba inkohlakalo kanye nabaholi bakahulumeni abangathembekile.

Kuso sonke lesi sikhathi, akekho owayephendula le mibuzo: Atholakale kanjani lawamameyili futhi ubani owatholile?

Kwathi ngesikhathi abe-Black First Land First bebuza le mibuzo, kwathiwa bayizishacalala zabakwaGupta futhi akukho vele abangakusho sikulalele.

Wonke umuntu wayevumelana ngalokhu, ilokhu iputshuka kancane kancane imibiko yalawa mameyili.

OLUNYE UDABA:Uzame wancama uRamaphosa ukunqanda udaba lwezintombi zakhe ezingu-8

Namuhla, sivuka ngodaba lukaRamaphosa “nokuputshuka” kwamameyili.

Gwiqiqi, hhayi wumkhankaso wokudicilela phansi igama lakhe. Vele yake yasho inhlangano yakuleli yabaHleli bezindaba ukuthi zikhona izintathele ezisetshenziswayo ukudicilela phansi amagama abantu.

Hawu, kanjani manje ngoba phela, ukuputshuka kamameyili kuyinhlalayenza kuleli, sifunzwe wona ngisho sesisithi kuthiwa vele kunje sikholwe, sikhulume size some amathe.

Ningangizwa kabi, nize nithi nami ngiyisishacalala salo mndeni, ngibuza-nje ukuthi, uma kuphuma imibiko ngabakwa-Gupta kuthiwa yiqiniso, uma kuphuma imibiko ngabanye abantu, kuthiwa kuthengwe izintatheli, sikholwe bani uma kunjena.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...