MAMGOBHOZI: Akunabantu lapha kuBabes, kade kwathuthwa

2017-08-29 19:29

Durban- Sengiqala ukusola sengathi abekho abantu lapha kuBongekile Simelane, odume kwezomculo ngelikaBabes Wodumo.

Akekho umuntu ongaba wumsangano ngale ndlela. Yebo muhle, uyababa futhi wenza amawololo uma esefequza lapha esiteji, kodwa weee, ngiyakhonza!

Impela isiZulu kuqinisewe uma kuthiwa umuntu ungambuka umthembe, kanti waaaah!

Ngabe ukhona yini onolwazi lokuthi lesi simomondiya sake sahlangana kodwa nomnyango wesikole futhi sagcinaphi?

Khohlwa yilesi sidididi sanamuhla se-USB kanye ne-Link okumele ithunyelwe kuFacebook nako-Twitter kodwa nje iqiniso lihle ukuthi akukho lapho oke uzwe khona le ntombazane ikhuluma into ephusile.

Khohlwa yisiNgisi vele asinandaba naso, kodwa angikaze ngiyizwe le ntokazi ihlanganisa umusho ocacile, ikhuluma into eqondile nje. Sengisho ukuthi iqaqeke nje ikhulume kuzwakale.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Ngabe usethenjiswe umshado uBabes Wodumo?

Ihlezi iphuma eceleni kuhle kukajosaka ngaso sonke isikhathi, kanti le nto yayo isiqala ukukhathaza manje.

Okungiphatha kabi kakhulu wukuthi ngathi "nebabazi lakhe" uMandla "Mamphintsha" Maphumulo naye akazi ukuthi lidumephi.

Uke wayibonaphi wena indaba yokuthi kuzokhala intombi isisho ngazo zonke izindlela ikhalela ukuthi ayiwinanga izindondo, esikhundleni sokuthi isoka likhuze noma liyiduduze ngendlela, nalo lenza okufanayo.

Ngempela ngempela kusemahlanyeni lapha, akukhuzwana.

Kudela ozongibonela umuzi ozokwakhiwa yilaba bobabili.. weee yeka leyongane ezotholakala!

Hawu, ngiyamfisa kube khona umuntu ozozinikela ekutheni eluleke uBabes, amtshele ukuthi akagxile kuwo amawololo, adanse, azishayele igqomu, bese evala umlomo.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

I love my 4U phone, thank you @mobicelsa - it fits right into my lifestyle and mood. ??

A post shared by Bongekile Simelane (@babes_wodumo) on

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...