'Alikho iphutha kumbono kaTshatha'

2017-02-24 09:31

Dear Mhleli,

Ngiyabonga ukungipha isikhala kwelakho elihamba phambili ukuze ngiveze uvo lwami.

Kangihambisani neze nabantu abaphakamisa ukuthi kaligcwale umoya ibhantshi kuKhathide "Tshath' ugodo" Ngobe woKhozi FM.

Ngikubona kungelikhulu iphutha lokhu kwazise ubeveza umbono wakhe ngendlela abantu besifazane abagqoka ngayo.

Lokhu kuphawula kwakhe ukwenze ekhasini lakhe, akasebenzisanga igama loKhozi FM kumbe nele-SABC ngakho-ke lezi zinhlangano azidicilelekanga phansi.

Mina kangiliboni iphutha kwakushilo kwazise umbono wakhe futhi akasebenzisanga ulimi oluhlambalazayo. Abantu abayeke ukunxenxa UKhozi FM kanye ne-SABC ukuth imkhombe indlela lo msakazi ongaconsi phansi kwabaningi.

Kasikho nesidingo sokuba lolu daba lufakelwe izibuko yilezi zinhlangano. UmfokaNgobe ubeveza nje ilaka lakhe njengesakhamuzi, esebenzisa ikhasi lakhe lakuFacebook.

Uma kukhona abagxobeke ikhona sithi yobe kunina bakaMalandela, lixhoshwa libhekile nina bakaBhejane Phum' Esiqiwini. Ngiyajabula ngoba naye umfokaNgobe uzehlisile waxolisa kulabo okungehlanga kahle kubo ukuphawula kwakhe.

Akungasetshenziswa ke le ntuba ukumfakela ingcindezi engenasidingo. Uyaziwa uTshatha ngamagalelo akhe amahle endimeni yokusakaza nasemkhakheni wezikaqed 'isizungu.Obhalile nguMnz Sibonelo Khumalo, oPongolo.            

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...