IZIBONGO: UMntwana wakwaPhindangene

2017-08-28 19:29

Durban - NgeSonto bekuzalwa uMntwana wakwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, ozalwa yiNkosazane yeSilo uDinuzulu kaCetshwayo okungu Magogo.

INkosazane (eyaduma ngelikaPrincess Magogo), okuqanjwe ngaye enye yenkundla yezemidlalo eselokishini KwaMashu, wagana uMntwana uMathole wakwaButhelezi ozala uMntwana wakwaPhindangene.

UButhelezi ubehlanganisa iminyaka engu-89 esadla anhlamvana.

Nazi izibongo zoMntwana wakwaPhindangene:

IMbabazane ehaqa amadoda emasendeni

ISihlonono esikhalele amabhunu emadlebeni zekwasa oVoster bethintitha

Isalele ehlezeni dawusheni inkabi igwazi inkunzi yini le eyenzeka eThekwini Ndabezitha bahlikihla ngawe ezitheni oChief uMhlabunzima wakwaMaphumulo

USivulele ngenkatha isiqhotho oNgoye zaphela itshudeni asala amabholipheni

Itshe abaliqandule ngesando kwabakwaNgwane alaze laqhephuka kungaze kuyofa indoda endala uMathanzima

UNkobe zamaSwazi zimehlulile uChief uMzimba uTembe ukuzihlafuna uthe uthi uyazicaphuza zamshisa wayithwala ngeqoma waziletha kithi oNdini wathi asidle Shenge nanka amancoko ngiwathathe kwelakwaNgwane

Isibhamu esiqhume phekwentaba zeNgwavuma kwazamazama ezoBombo wabaleka uMbabane ezalwa kwaNyawo.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...