INKONDLO: Mana kancane ngikhulume

2017-08-31 19:30

Ngibhala le nkondlo ngihlengezel’ izinyembezi

Angazi ngithini ngawe Mbokodo

Kuphela nje ukuk'halalisa konk’ okwenzile

‘Mana kancane Ngikhulume’

Mbokodo…Wena uyimbokodo kamagaya

Yagaya yahlulela. Yagaya yahlanganisa

Uthi upheka ngapha, ney’mbiza zikubiza ngamagama

Umshini oyishintshayo, isikhali esandleni sesotsha

Ingane emhlane wakho idinga wena

Futhi emva kwayo sekonakele

Nogulayo embhedeni umemeza wena

Kulegumbi okulo kushuq’ intuthu

‘Ngithe kuwe, mana kancane ngikhulume’

Engani nesezofika emhlabeni ilethwa nguwe

9 months ezinyaweni zakho umthwalo ukuwe

Njenga mazolo otshanini, ladel’ inina ashabalala

Inkinga zomhlaba zehlule ‘indoda’ yakhala yamemez’ unina…..

Wena ‘Mbokodo’ wakhala wabhekisa kuMdali [Nkulunkulu]

‘Aghra – sies Maan…’ Mina lent’ iyangdina

Sengibonile kungani uNkulunkulu aletha u-Eva emva kwa Adamu

Inkinga zinghleli eyphangeni njengamahlombe

‘Mana kancane Ngikhulume’ Mbokodo ka magaya

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe…

Uma kungasithela uMdali umhlaba wonke uyoduminsa wena

Shono sisi nawe bhuti uthi…

‘Mana njalo Mbokodo…… Mana njalo!

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

*UThulasizwe Masondo uyinxusa le-IJR kanti uhlala eMondlo, eVryheid, KwaZulu-Natal. Uyimbongi, umbhidisi, umlingisi kanye ne-electrician. Uzinikele kakhulu ekusizeni intsha yangakubo.   

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...