INGOSI: Yangigila indoda yalobola yaqeda ngikhona ngihlala nayo

2017-10-11 19:29

eThekwini - Ngangihlale ngizwa kuthiwa wothemba itshe kunokuthemba umuntu, ngoba umuntu ulala ephenduka.

Ngangibasola sengithole othandwa yinhliziyo yami, ngithi abantu abafani.

Ngangicabanga ukuthi konke kuhamba kahle, kanti abantu bathule bangibuka ubulima, hhey ngoba impela akukho okungadluli, ngangithi ngizofa kulezo zinsuku.

Uyakwazi ukugileka empilweni uze uzibuze ukuthi kanti uNkulunkulu uthanda abanjani, kungani ezongilahla kodwa ngithembekile kuyena.

Wena owabona uhlanya luhamba lukhuluma lodwa, yeyi ngoba angijikanga esibhedlela ngalezo zinsuku, impela impilo iyaqhubeka.

Impela indaba yokukipita ayikaze yabusiseka, zwana ngami mina esengibuya khona.

Sasesineminyaka emuthathu sithandana futhi imibili sihlala ndawonye nesoka lami.

Yize kwakungeyona into esasiyihlelile ukuhlala ndawonye, kwavele kwazenzakalela ngoba sasichitha isikhathi esiningi sindawonye, sabona ukuthi kungcono songe imali sihlale efulethini elilodwa sibambisane.

Kule minyaka emibili, ngangicabanga ukuthi sinezinhlelo ezifanayo nesithandwa sami ngoba sasiyikhuluma indaba yokuthi kumele ayokhokha ekhaya.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Uma ushela umuntu wesimame, shela umuntu osezingeni lakho

Ekhaya babemazi futhi nakubo babengazi ngoba sasivakasha ngamaholidi, kanti naye wayenokufika ekhaya uma kunemicimbi.

Kuthe sekuqala unyaka wesithathu sihlala ndawonye, udali wangitshela ukuthi ufuna ukulungisa ikhaya lakubo ngoba kukhulu akuhlelile kulowo nyaka.

Ukube ngangazi ukuthi wayehlele ukungingcwaba ngiphila ngabe ngasheshe ngazilungiselela.

Kwathi sivakashile kubo ngenye inyanga, ngabona ukuthi kukhona osekushintshile, umndeni wakubo wawunokungixwaya, kodwa ngangakunaka, vele ngeke uthandwe yiwo wonke umuntu angithi!

Sabuyela emuva sisuka kubo ngingazizwa kahle, ngangishiywa yigazi, kunovalo oluncane olwalungishaya.

Hawu, akuzange kuphele namasonto amangakhi ngabe ngithola ucingo, enye ingane yangakubo esasijwayelene nayo yangibuza umbuzo olula kodwa kwacishe kwama inhliziyo.

Hawu sisi kodwa wamlahlelani umakhelwane wami ngoba ngabe wuwena uletha umbondo namuhla? Yeyi ngahleka kancane ngishaywa wuvalo ngathi kodwa ave unjalo wena, ukhuluma ngani.

Wathi hhaybo sibona kugcwele phela intokazi izoletha umbondo yavele yafakwa nendandatho egcekeni kubuka wonke umuntu.

Kwavele kwajama ulayini kwathi nya engqondweni. Ngahlala impelasonto yonke ngizibuza kodwa izimpendulo ngazithola ku-Facebook izithombe kubhuti.

Abanye abantu bayakwazi ukuyenza into yabo, umuntu akuzwise ukubuhlungu kube sengathi uyakulaya. Ayigxobe inhliziyo yakho futhi angabi nozwelo.

Ngagcina ngci, ukuhlala nomuntu wesilisa.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...