INgosi: Vuselela uthando lwenu, ushaye i-lingerie uyidansele indoda yakho

2017-02-14 09:01

Durban -  Seluze lwafika usuku olugujwa yizinkulungwane zezithandani emhlabeni wonke jikelele.

Lolu wusuku lapho izithandani zihlanganyela ndawonye zibonisana uthando, ezinye zithengelana izipho kube mnandi kube njeyaya.

Lokhu akusho ukuthi kwenziwa namuhla kuphela kodwa ukuqinisa nokuvuselela imizwa yothando, ukhumbuze isinqandamathe sakho ukuthi usithanda kangakanani kungenza omkhulu umehluko ebudlelwaneni benu.

Uzobe wenzani nowakwakho namuhla?

Lolu suku aludingi nokuthi ukhiphe imali eningi wenze izinto ezingaphezu kwamandla akho ukuze ubonise isithandwa sakho ukuthi usithanda kangakanani.

Ungahlanganisa ubhasikidi wezithelo namanandinandi afana noshokoledi, amashibuzi, udilinki, iwayini, niphathe ingubo yenu nihambe niyozihlalela ebhishi noma epaki ninobabili nikhumbuzane ngezinsuku lapho nisaqala khona ukubonana.

Uma amandla ekhona, ungasikhipha isithandwa sakho niyobukela i-movie bese nivala ngesidlo esimnandi endaweni epholile.

Osisi bangasebenzisa leli langa ngokuqinisa uthando ngisho nasekamelweni.

Ungathumela isithandwa sakho umlayezo njengoba esasemsebenzini umtshele ukuthi isidlo sakusihlwa singo-7 ebusuku, kanti ngemuva kwaso kuzolandela "amanandinandi ekamelweni"

Akafike ekamelweni akuthole umlinde nge-lingerie enhle encane, udlale umculo opholile uthi ukudansa ubuyise umuzwa wokufunana niqinise uthando lwenu.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...