INGOSI:Ngabe izisifo nezinhloso zakho nesithandwa sakho ziyahambisana?

2018-01-15 18:05

eThekwini - Ukuthandana nomuntu isikhathi eside akusho ukuthi ngeke nihlukane, noma ukuthi uzokuthatha akwenze unkosikazi.

Iminyaka ayisho lutho othandweni uma kungukuthi ninezifiso ezingafani, noma ungazazi izinhloso zomuntu othandana naye.

Ayive ixaka lento yabesimame abakhala ngokuthi “sesithandane iminyaka eyishumi, kodwa ngokuthola intombi entsha-nje usefuna ukuyoyicela, kusho khona ukuthi imdlisile." 

Cha, dali, akadlanga lutho, usuke wathola umuntu okwaziyo ukubuza imibuzo ebalulekile.

Angazi ukuthi yini edida abantu besimame ngokuthandana nomuntu iminyaka, kanye nokuba nengane naye, okubenza bacabanga ukuthi lokhu kubasondeza eduze nokuthola umendo.

Iminyaka engu-10/8/ 6 nithandana ayisho lutho, ningahlukana kungabi ndaba zalutho.

Uzoqamba amanga omunye athi sisafundana, sisajwayelana, angikamazi kahle, kunezinto engisafuna ukuzithola ngaye.

Hawu, neziqu zobudokotela azithathi iminyaka eyishumi ukuzithole, lapho kusuke kufundwa ngempela.

Wena yini le ofuna ukuyifunda nokuyithola ngonyaka wesithupha, ongazange uyibone ngonyaka wesibili?

Iphutha elikhulu elenziwa ngabantu besimame uma bengena othandweni, nokuyinto ebalimaza kakhulu, wukubheka okungabalulekile nokubheka ingcebo ephathekayo.

Izinyanga zokuqala ezimbalwa nithandana nisuke nisafuna ukujwayelana, nifundane futhi nazane kangcono.

Umbuzo wokuqala obalulekile wuthi, ufunani kimi?

Khohlwa yindaba yokuthi ubhuti lo uhlala eMidrand, uhamba ngeBMW, okubalulekile wukwazi inhloso yakhe ngokuba nawe.

Yabona uma ezokutshela ukuthi uyakuthanda kodwa unaye umuntu, kukuwena ukuthi uyaqhubeka naye noma ubuza umbuzo wokuthi, uxakwe yini kulolu thando akulo njengoba esefuna wena.

Kukuwe ukuthi uyamqoma, nibambisane nomnakwenu, kukuwe futhi uthi umazise ngalokhu okufunayo nokufisayo empilweni yakho.

Vele akekho umuntu omthola engenamuntu, kodwa kunezinto ezithile umuntu azibhekayo kuphathina wakhe ezimenza athathe isinqumo sokugxila kuye, njengoba zikhona nezinto ezimenza aqalaze ngaphandle.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Usithathaphi isibindi sokubunyalala kubo kamfana izinsuku zilandelana?

Inkinga ngabantu besimame wukuthi bayazenyeza, bayasaba ukushaya phansi ngonyawo, futhi bayasaba nokuveza imizwa yabo ngokuzethemba.

Umuntu uvele acabanga ukuthi indoda izomshiya ikhethe umnakwabo uma ezokhuluma noma ezobuza imibuzo etheli, bese ahlale ngethemba lokuthi indoda izozikhethela yona.

Cha sisi, buza kugcwale umlomo, SENZANI, YINI INHLOSO YAKHO NGAMI, LOHIDE LWEZINTOMBI ONAZO UYOZIGCINA KUZE KUBE NINI.

Phela indoda kumele yazi ukuthi awuhleli ngoba uxakekile, kodwa uhleli ngoba unothando futhi unesifiso sokwakha ikusasa elihle nayo.

Uma izoba yisidikiselo sawo wonke amabhodwe, ngeke kulunge.

Ngisho senithandane iminyaka, ungayilahla uma ibheda, uyilahle futhi ungangabazi ngesinqumo sakho.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...