INGOSI: Usithathaphi isibindi sokubunyalala kubo kamfana izinsuku zilandelana?

2017-11-19 16:19

eThekwini - Baningi abantu besimame ababekezelela izinto ezinzima ngegama lo thando futhi bangaboni lutho oluyinkinga ngalokho.

Masonto onke uma sibuka uhlelo lwemishado kumabonakude, abesimame abaningi baveza izimo ezinkima abadlule kuzo nezithandwa zabo kodwa ekugcenine bathokozele ukubopha elikasofa silahlane.

Ngabe uthando luhambisana nosizi?

Sikhula abazali bethu beshumayela ivangeli lokubekezela. Abekezele umama indoda iyosebenza eGoli ithole enye intombi yakhe umuzi ingabe isabuya ekhaya, ibuye isigugile futhi isigulela ukufa.

Yonke leminyaka engekho, umama wayepatanisa emasimini enzela ukuba kulale kudliwe, izingane zifunde, ekugcineni yena akutshele ukuthi bekezela mntanami kuyashisa emendweni.

Ngempelangempela wayebekezelelani indoda yamshiya nezingane yayozithokozisa noms'gebengu eGoli?

Omunye akutshele ukuthi ubaba wakhe wayefika nentombi endlini angidilize embhedeni angilalisephansi yena alale nentombi. Ngalowo mzuzu akundli lobaba, uhlezi ethola amabhodwe econsa isishebo ukuthi sithathwaphi akazi naye, inkani uma edlile. Kwesinye isikhathi umama wayeyitshontsha imali umama ebuye edakiwe walala, ngaphandle kwalokho sizodla uJohani 14 koze kuvakashe umalume.

Abe neqiniso omunye umama akuyale ngokuthi beka mfundo phambili, hhayi ngoba ebona ukuthi ngeke ulunge emendweni, kodwa efuna ukuthi ube nesikhali oyoviva ngaso lapho sezikuhlasele izivunguvungu.

Bayingcosana abazokutshela ukuthi uyindlovukazi kowakhe umuzi. Yize kunjalo, bakhona, okusho ukuthi akhona amadoda athembekile lapha ngaphandle futhi azaziyo ukuthi afunani.

Ize ivaleke amehlo indoda ibe yimpumputhe impela ilokhu igijimisa isifazane.

Abanye bayalimala ezingozini, uthi uyafika bekugcwele izintombi emotweni kodwa, unayo intombi ayishiye ekhaya.

Siselapho kweyokusala kubo kamfana, usithathaphi isibindi sokubunyalala kubo kamfana izinsuku zilandelana ungalotsholiwe.

Ukuthi ungumama wengane kuchaza ukuthini? Ududwa odadewabo balokhu bethi skoni, sjura, mfazi kabafo...yeyi uzomkhomba uzobakhomba njengelanga liyoshona ngelinye ilanga eseyombesa kwenye indawo usale nendondo enkulu yokuba wumaka-boy.

Uyakwazi ukusala endodani usuzitshele ukuthi uwe uwe futhi akekho oyokwenzani, uvele ukhishwe wumkhaya into engazani nama-weave. 

Usale ulokhu uthi kudala ubekezela, ungazi ukuthi ubekezala endodeni wahlulwa wukubekezelela umbombo kathisha kwenzenjanj.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Le ngosi ibhalwe ngu-Nonkululeko Nhlapo @ndunhlapo 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...