INGOSI: 'Ungamncisha ucansi uma ekucasulile khona ezofunda isifundo'

2017-07-26 19:28

Durban - Ayikho into ekhalisa abantu besilisa kakhulu othandweni njengokuncishwa inkonzo yasekamelweni.

Ngisho ungaba yisigwili esinjani, kodwa isikhalo sokushaywa isandla usuthembile siyafana nesendoda ezihlalela emjondolo.

Yini eyenza ababesimame bancishe ophathina babo ucansi futhi amadoda azizwa kanjani ngalokhu?

Nazi izizathu eziyisithupha ezingenza umuntu wesimame ancishe isithandwa sakhe ucansi.

Uma ugula

Ungacabanga ukuthi lokhu kulula futhi kucacile nakuwo wonke umuntu, kodwa kwesinye isikhathi uthola amadoda afuna ucansi njalo. Kuhle umchazele ukuthi awuzizwa kahle.

Uma ukhathele

Akekho umuntu ofuna isidindi esizolala nje singabi namnyakazo. Lokhu kuyawehlisa umdlandla kulowo osuke ezimisele ngenkonzo yasekamelweni. Kumele umazise uphathina wakho uma ukhathele futhi uqinisekise ukuthi uyaqondisisa ukuthi ukhathele.

Uma ucasukile ucikekile

Yebo, siyazi ukuthi inkonzo ivutha kakhulu uma ucasukile, kodwa kunezikhathi lapho ucasuka kangangokuba ungakwazi ngisho ukumthinta. Ikakhulukazi uma kunguyena osephutheni, kumele alibone iphutha lakhe ningaze nizibandakanye ocansini. Ucansi aluzixazululi izinkinga ngakho-ke ngeke nikwazi ukuzigqiba ngalo.

Uma ukhathazeke kakhulu


Yebo ucansi lungakwenza ukhohlwe ngezinkinga zakho, kodwa mancane amathuba okuvuka kwemizwa uma uphithene umqondo, futhi ngeke uze uluthokozele lolo cansi uma ungazizwa kahle.

Uma ungazizwa umuhle

Uma ungazinakile futhi ungashefi kwandawo uphinde ube ngumuntu ozigqokela uMaMhlongo ungekho esimweni sokutshakadula, awubinalo ugqozi. Uma umuntu ekuthola ukuleso simo awubinawo umdlandla.

Ngokombiko okhishwe yi-the Wall Street Journal, kuthiwa ukuncisha amadoda ucansi kufana ncamashi nokuyinganakekeli ingane yakho.

Ngaphandle kokuphoxeka nokuzizwa inganakekelekile indoda uma incishwa inkonzo, kwesinye isikhathi ivele igule ingazazi ukuthi izenzeni.

Amadoda amaningi asebenzisa ucansi njengethuba lokuzibonakalisa othandweni futhi luwenza azizwe ekunika okukhulu uma elwenza nawe uzizwe uthokozile.

Ukubaphuca leli thuba izikhathi zilandelena kuyawuxoza umoya wabo bagcine bengazi ukuthi benzenjani.

Esikhathini esiningi amadoda awakhulumi ngobuhlungu abuzwayo uma encishwa ucansi kodwa uma lokhu kuphindaphindeka, agcina esezama ukuthola ezinye ezindlela angeneliseka ngazo.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...