INGOSI: UMalema akake ahlale phansi noZuma baxoxe ukuze ezokwazi ukuxola

2017-08-31 16:02

Durban - UJulius Malema ongumholi we-Economic Freedom Fighters usagcwele usizi nentukuthelo nge-ANC.

UMalema uyabonakala ngendlela ahlezi evutha ngayo futhi akakwazi nokuzibamba indlela adinwa ngayo uma kukhulunywa ngoMengameli Jacob Zuma. Kuyabonakala ukuthi luningi usizi aluphethe futhi asavulekile amanxeba.

Ngisho angasikhohlisa sonke eNingizimu Afrika athi akanendaba futhi useqhubekele phambili nempilo yakhe, kodwa usizi siyalubona sonke.

Ebuza uMengameli ePhalamende, uwuqale kahle umbuzo wakhe, kodwa esephendula uMengameli, usevele uvuka umbhejazane, wangakwazi nokuzibamba ukuhluthuka kwakhe uma ezwa uMengameli ekhuluma.

Mhlawumbe uMalema noZuma bayaludinga usuku olulodwa bendawonye, usuku-nje behleli endaweni ethile kude le namehlo abantu, bavale izingcingo zabo, bahlale phansi bake bakhulume. Umuntu ngamunye avule isifuba sakhe aveze lokhu okungaphakathi kuyena.

OLUNYE UDABA:UMBONO: ‘UZuma welusa, uyagquma uyaphalaza, akafani noMaimane osaba uchatho’

UMalema noZuma babezwana njengobaba nendodana. Kuzo zonke izimo, nakuyo yonke imindeni, kuyaye kube khona ukungaboni ngasolinye bese leyo nto ilungiswa ngokuthi kuhlalwe phansi kuxoxwe.

Okoniwe ngomlomo kulungiswa ngawo futhi umlomo. Kulesi simo, kuyacaca ukuthi kuningi okudinga ukulungiswa.

Yebo, ukhona ozoqinisa ikhanda athi yena akadinge lutho komunye futhi akukho azokusho ngoba usephoxeke kakhulu.

Iqiniso ukuthi sonke sithule siyabuka, uyedwa ohaqwa yintukuthelo angakwazi nokuzibamba. Yebo, ungaqhubekela phambili nempilo, kodwa uma inhliziyo ingakaxoli futhi ungakazitholi zonke izimpendulo, ngeke ukwazi ukuqhubekela phambili nempilo.

UMalema angaba wumholi omuhle wangomuso, kodwa ucindezelwa yinto encane - ulaka lwakhe lokungakwazi ukuzibamba uma kuphathwa igama likaMengameli.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...