INGOSI: Uma seluphelile uthando ngakuwe, sizothandana ngolwami

2018-01-11 19:30

eThekwini - Hhayi iyacika indaba yokulokhu ushintshashintsha othandweni ngenxayabantu abangazazi ukuthi bafunani.

Ayikho into enzima njengokuhlukana nomuntu osuthandane naye isikhathi eside.

Hawu, uthi angenzenjani nje ngempela ngoba ngiyakuthanda, ngiyazama ukukuphatha kahle futhi ngizimisele ngekusasa lethu.

Wena ungitshela ukuthi uthando lwami awusenalo, lushonephi?

Uthi mina ngenzenjani ngalolu thando lwakho enginalo enhlizweni yami.

Zonke lezi zinhlelo esinazo ngekusasa lethu? Yonke imizamo yethu nezinkinga esesidlule kuzo.

Hhaybo uthi angithini ebantwini abazi ukuthi mina nawe siyafanelana, sesiqhubile futhi sekusele umshado.

Yisiphi isifundo ofuna ukusinika lezi zingane ezine esinazo.

Ucabanga ukuthi ngisazothathwa wubani senginezingane ezine.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Inkulu ingcindezi kwabakipitile ngamaholidi okuphela konyaka

Cha, ngiyala.

Uma uthi seliphelile uthando ngakuwe, kulungile, sizothandana ngolwami.

Ingani vele othandweni kuyabanjiswana. Uma oyedwa ekhubeka, kungumsebenzi kaphathina wakhe ukuba amtakule aze akwazi ukuzimela.

Uma oyedwa exakekile engasebenzi, ukhona lo omunye ukumeseka abambisane naye.

Pho-ke manje sizohlulwani ukuthandana ngalolu thando lwami.

Nginothando olusanele sobabili ukuze sikwazi ukudlula kulesi simo.

Hlala ukhululeke dali, ngizokuthanda luyoze luvuseleleke lolu olwakho.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lo mbono ubhalwe nguNonkululeko Nhlapo, xhumana naye ezinkundleni zokuxhumana @nondunhlapo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...