INGOSI: Ukufuna umendo unengane, akwehlukile nokufuna umsebenzi usuke waboshwa

2016-10-19 19:32

Durban - Iphutha liyenzeka, ningalala nibabili nivuke senibathathu. Kuyothi umntwana engakaphumi ngisho ebeleni, ubaba ebe engasabonwa ngisho nangokhalo.

Pho uzokhalela bani? Ayikho into ongayenza mntaka ma! Khulisa umntwana wakho maqede usukume uzibuthe.

Iningi labesilisa lincamela owesifazane ongenaye umntwana, kunalo osevele ezele. Yize kunjalo bakhona abangenankinga, abathatha umntwana bamkhulise njengowabo.

Uma unomtwana oyedwa akubi yinkinga kakhulu kodwa uma sebebabili noma ngaphezulu kuba umqansa impela, ukuze uthole umshado uyodinga lonke uhlobo lwemikhuleko.

Uma ungumuntu wesifazane onomntwana noma abantwana, kubalulekile ukuqaphela uhlobo lowesilisa omsondeza enhlizweni yakho.

Khumbula ukuthi umntwana wakho nguye obaluleke ukwedlula indoda, musa ukudela umntwana wakho uhubhe umshado ongazi noma uyowuthola yini. Iningi lishiya izingane kogogo, uzwe kuthiwa umuntu usehlala nendoda eThekwini noma eGoli.

Umntwana udinga ukukhuliswa umama, lokho kumenza akhule ekhululekile enhlizweni nasengqondweni.

Funda nalolu daba: INGOSI: Akuwona umembeso, yizibizo!

Ayikho into eyedlula uthando lukamama, nakekela umntwana wakho, mgeze umgcobe ahlale ebukeka ehlanzekile ngasosonke isikhathi.

Mvikele kowesilisa omsondeza kuwe, qikelela ukuthi akahlukumezi umntwana wakho.

Gwema ukwazisa umntwana wakho kumuntu wesilisa osanda kuhlangana naye ngoba uma kwenzeka nihlukana bese uphinda uletha omunye akubukeki kahle futhi kuyamphazamisa umntwana.

Zinike isikhathi, thandana nesoka lakho ngasese uze ugculiseke ukuthi kukhona la eniphikelele khona, lokho akusho ukuthi fihla umntwana wakho esokeni lakho, lazise kodwa ugweme ukuliletha endlini uma kukhona umntwana wakho.

Umshado uyisibusiso esivela kuMdali, ungadeli umntwana wakho ngoba uhubha umshado. Shada nendoda ezothanda wena nomntwana noma nabantwana bakho, ngeke uhlale ngentokozo emshadweni nomuntu ohlukumeza umntwana wakho futhi lokho kuyomkhubaza umntwana wakho. Ngisho ngabe umntwana wakho wamthola ungahlelele, kubalulekile ukuthi uqinisekise ukuthi ukhula ngendlela efanele nephephile.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...