INGOSI: Uke waqonywa wuhlanya lwentombazane

2017-11-22 19:01

eThekwini - Maningi amadoda athwele kanzima langaphandle ungezwa kulokhu kukhala izintombi ucabange ukuthi bona baphila butepu othandweni.

Uyakwazi ukuqonywa wuhlanya?

Yeyi ngoba umuntu muhle ehamba imgwaqeni ubone intombi enhle, emi kahle futhi enesizotha uthembe ukuthi hhayi uthole umuntu ophilayo, kanti awazi.

Kube mnandi uthando lusaqala, ngoba vele kuhlezi kumnandi nibizana ngodali nifonelana futhi nibonane izinsuku zilandelana, iyothi lapho isikujwayele, ivele ikujwayele kabi.

Umuntu ngoba esekwazi ukuthi uthandana naye yedwa, usekhululeka ngokweqile usekubiza noma yikanjani, ayisekho le nhlonipho ayekunika yona nisaqala ukuthandana.

Unokuthi uzipholele namajita, qham' thushu umuntu ungamubizanga usefutha amakhala awusazi ukuthi kwenzenjani usefuna umhambise, usefuna ukulala, uselokhu ebuzile ukuthi ya uhleli namantombazane, hawu, akabingeleli, akazi nokuthi ngamantombazane ayisimakanjani lawa, kodwa usefuthe amakhala umuntu.

Omunye nithi ningakaqedi nesikhathi esingakanani nithandana, usefuna ukugudluza umem, njani?

OLUNYE UDABA: INGOSI: Baningi ababulawa yindlala emendweni

Angithi ngakutshela ngisakushela ukuthi nginaye umuntu futhi ngiyamthanda, wangiqoma ulazi iqiniso, yeyi uwena lo osufaka izithombe ko-Facebook engingazazi nokuthi wawuzithathe nini usulokhu ufuna ukubukwa, usufona ebusuku ulokhu ubanga isicefe ngisho kahle kukhona umama wezingane?

Ngayakubona konke, intombazane engafuni ukwaliwa,yoo!

Usumtshele kahle ukuthi awusamfuni umuntu, uzolokhu ekulandela, uthi uyaqhamuka nentombi yakho entsha, nangu uzosusa umsindo. Useshisanyama namajita, nangu ufuna umhambise kubo. 

Uyasazi leso s'cefe, iyaqala i-festive usazosibanga isicefe umuntu.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Le ngosi ibhalwe ngu-Nonkululeko Nhlapo @ndunhlapo 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...