INGOSI: Sesikhathele womzala abaveteza isiNgisi lapha emakhaya

2017-12-27 18:00

eThekwini - Kaze ziyovulwa nini izikole, kuphele namalivu abantu babuyele eGoli hhaybo sesizwile.

Koba nini umuntu elalele umlungu omnyama layikhaya. 

Cha anginamona ningangizwa kabi, ukuthi umuntu ufundile noma ingane yakhe ifunda esikoleni somtakabani lapho kuhlashunwa khona isiNgisi ekuseni kuze kushone ilanga, kuhle lokho.

Kodwa uyasazi isicefe somuntu, usazi kahle nje isiZulu, kodwa ngesimo sokuthi usebenza eGoli, futhi usenemoto, hhay bakithi abukise umuntu kuze kudideke ogogo.

Kusuke kuthini vele kuwe uma usulokhu usibelesele ngesiNgisi, futhi ubona kahle ukuthi asiyingeni eyakho nesiNgisi.

Kwenziwa yini futhi ukuthi labantu abathanda ukuzenza otamatisi, bathande ukukhulumela safuthi, uzwe inhliziyo isithi ci ci ci, hhayo elokhu ekhulumile, usabathe uyamziba, hhay bakithi.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Uke waqonywa wuhlanya lwentombazane

Into engenza nginekenge kakhulu ngalolu hlobo lwabantu wukuthi abeve bethanda ukuthathelana phansi.

Hawu uthi uzenzela isidlwabedlwabe sakho unganakile usuzwa ngomuntu emvakwakho, "What is this it looks yerrr," hawu ngiyavelelwa yini webantu.

Uthi usadidwe yilokho, luyaqhubeka usuku ulungisa ukudla kwasemini, umuzwa esebuza ingane yakhe, "do you want this, bathi yisobho," kanti silaywelani bakithi.

Umuntu uvele akuphendule isiduphunga ekhaya, uhlala khona, ngoba nakhu kukhona yena, hhayi uthi usho lokhu akujike, uthi uphuma ngapha akuqhamukele ngale uze ubone ukuthi kungcono uthule.

Kwenziwa yini umuntu abone kukuhle alokhu eveteza isiNgisi nisemakhaya, uze ushaywe amahloni okuhamba naye ezitolo ngoba ulokhu ekubuza nezinto ezingasile sengathi akakhulelanga lapha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...