INGOSI: Sengiqala ukuyisola indaba yeRandi, kanti liwa uma kwenzenjani?

2017-12-07 19:36

eThekwini - INingizimu Afrika ibhekene nezinkinga eziningi kulo nyaka, nokuyizinkinga ezihlaba kakhulu umnotho wezwe.

Umhlaba wonke ubuka leli lizwe, kodwa awulibuki kahle, impela singasho sithi izinqa zethu zihleli obala futhi zonke izinto zimapeketwane.

Uhulumeni uma ethi uvala ngapha, kuvuleka ngale, hhayi impela amanzi angena endlini wonke.

Isimo esasifaka ehlazweni elikhulu siyizwe kwaba wudaba lomndeni wakwaGupta kanye nombiko omayelana nemizamo yokubamba uMbuso ngobhongwane.

Abamaphephandaba babezitamuzela ngalolu daba oluveza izinga lenkohlakalo nokukhwabanisa eNingizimi Afrika, konke lokhu kwakubeka uMengameli weZwe uJacob Zuma ehlazweni.

Lawa iRandi, sangena kwinzikamnotho, abatshali bezimali babamanqikanqika ngekusasa kanye nokuthembeka kwezwe.

Lo mbiko uphuma nje, umnotho uyacwila vele, izingcweti zazikhala ngokuxoshwa kukaNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan kwathiwa uZuma usenzele phansi siyizwe ngokukhipha isithenjwa okuyisona ebesibeka iNingizimu Afrika ekukhanyeni. Yangena ishintshana imibiko yokucwila komnotho.

Zanda izinkinga zakuleli ngezigemegeme zakwa-Eskom, kwawudaba lwe-KPMG kwacaca ngempela ukuthi leli lizwe licwilile.

Yathi ikhulunywa indaba yokuwa kwe-Randi wabe eshilo uNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uNomvula Mokonyane ukuthi akunankinga “sizolicosha.”

Bacasuka abantu bebuza ukuthi uyisho kanjani into efana nalena.

OLUNYE UDABA: Umnotho wakuleli wakhiwe ngaphansi kwesisekelo sengcindezelo

Manje, sikhuluma nje azipheli izingqinamba esibhekene nazo siyizwe, njengoba kusanda kuvela ukuthi kunenkohlakalo eyenziwe abakwaMultiChoice nokuyinkampani engaphansi kwesikhondlakhondl iNaspers.

Hawu, langathi nyaka iRandi, yaxoxwa le ndaba kodwa futhi kwangacaca kahle ukuthi umsuka wayo uqala kuphi futhi ibhekephi!

Hhayi sithe sisetshisa le kaMultiChoice, nalu udaba olusha lwenkohlakalo eyenzeka kwaSteinhoff.

Indaba lapha ithi kunenkampani ezinze kwelaseGermany ebiphenya le nkampani ngokukhwabanisa intela. Sisadidekile ngalokho, wasula umphathi wale nkampani.

Le nkampani ingeye yezinkampani ezinkulu kuleli ngakho-ke izindaba ezifana nalezi ziwulimaza kakhulu umnotho. Kodwa, cha, asikaze siyizwe eyokuwa kwe-Randi.

Kulezi zigameko zeSteinhoff kanye neMultiChoice, udaba oluhamba phambili wukwehla kwentengo yamasheya alezi zinkampani, kodwa lutho iRandi.

Ngabe lokhu kusho ukuthi iRandi aliphazamiseki ngalolu daba?

Yiziphi izimo ezenza iRandi libe ntekenteke, ngoba lithule impela lihleli ngentombi nokusho ukuthi konke lokhu okwenzekayo akusiphazamisi ngalutho siyiNingizimu Afrika?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24. Le ngosi ibhalwe ngu-Nonkululeko Nhlapo @ndunhlapo 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...