INGOSI: Nasemkipitweni kunemithetho yakhona

2017-05-25 18:02

Durban - Ukuhlala nomuntu othandana naye ningakashadi futhi ningakakulungeli lokho kungona ubudlelwano benu.

Kuhle ukuthi abantu abathandanayo balinde isikhathi esifanele lapho bobabili sebekulungele ukuhlala ndawonye.

Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi phambilini abantu besifazane bebengalingani nabantu besilisa, owesilisa ubethathwa ngokuthi wuyena oshaya umthetho owesifazane awuthobele.

Esikhathini samanje sekunzima kwabanye ukuhlala ndawonye ikakhulukazi uma ningakakhuli ngokwanele, kubika ILANGA.

Isisho sesiZulu sithi, "izinkunzi ezimbili kazikhonyi esibayeni esisodwa". Lokho kusho ukuthi kumele kubekhona ozogoba uphondo ukuze nikwazi ukuhlalisana.

Uma unesifiso sokuhlala nomuntu kubalulekile ukuba ukulungele lokho ngoba ziningi izinselelo ezibakhona.

Lezo zinselelo uma ningazilindele, kungabhidlika ubudlelwano.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Uxoshwe yini vele kini?

Kuyiqiniso ukuthi abanye abantu bahlala nezithandwa zabo ngoba bebalekela imithetho yasemakhaya.

Okumele ukuqonde-ke wukuthi kawukho umuzi ongenawo umthetho wakhona, ngisho ngabe nihlala nobabili, kodwa umthetho ukhona kulowo muzi.

Uzothi ubalekela umthetho wakini uvele ufice uqine kakhulu phambili. Into engcono wukuba uthole indawo yakho wedwa, umuntu wakho akuvakashele.

Kuyothi uma senazana kahle, bese nithatha isinqumo sokuthatha ubudlelwano benu nibubeke kwelinye izinga.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-30°C Mostly sunny. Warm. PE: 13-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...