INGOSI: Mhlalwumbe kukhona uNkulunkulu abemphumuza kukho uNcwane

2016-12-08 11:32

Durban – Akekho ongathi ayimshaqisanga indaba yokudlula emhlabeni ngokukhulu ukuzuma kukaSfiso Ncwane. Akekho obelindele, futhi akekho nobehlawumbisela ukuthi kungenzeka into enje.

Ukushona kukaNcwane isigubhukane kufana ncamashi nokushona komuntu odlule ngengozi yemoto noma odutshuliwe – kwenzeka ngokuphazima kweso, kushintshe konke.

Into enjengale ivele yenze kuhlwe emini ngisho kulabo abangosiyazi.

Indaba yokushonelwa iyazwela kakhulu kimi, ngiye ngithi noma ngixoxa ngithi awukho umndeni oshonelwa njengowami.

Noma ngabe oshonile angimazi, ngiye ngizithole sengichiphiza ngoba ngiyabazi ubuhlungu bokuhanjelwa othandiweyo wakho.

Ukushaqeka

Ukushona kukaNcwane kubuyise ubuhlungu engabuzwa mhla umfowethu omncane edutshulwa yinhlamvu eyaphaphalaza yamshaya enhliziyweni, waphelela khona lapho, esigamekweni ayengahlangene ngisho nanaso.

Kwaba yisigubhukane, ngakubona njengento engafanele. Ngasala neminingi imibuzo le ngaze ngangabaza nokholo lwami kuNkulunkulu.

Ngathatha isikhathi eside ngisola uMdali ngokungiyekelela nokungibukanisa nezwe, kwazise umfowethu sasisondelene kakhulu naye.

Wathi omunye wabangani bami engududuza, wathi "buka nje lo Nkulunkulu wenu ukuthi unjani, uvume kanjani nomfowenu ngale ndlela".

Kwathi ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ngamukela isimo, ngingazi nami ukuthi ngamukelani. Ngiyacabanga ukuthi kwase kuyisikhathi nje esasingithoba amanxeba.

Ukudlula kukaNcwane namanje kungathi yiphupho esizovuka kulo sizwe okunye.

Thola ukududuzeka Ayanda nabantwana

Kubuhlungu kakhulu, angiyiphathi-ke enkankosikazi wakhe u-Ayanda, obefana newele likaNcwane.

Ngifikelwe umunyu uma ngibona imiyalezo eshiywe amadodana abo ezinkundleni zokuxhumana, ngoba ngiyazi ukuthi awakakuqondi ukujula kwale nto eyenzekile ngoba asemancane.

Kukho konke, iBhayibheli lithi asingamsoli uNkulunkulu ngoba konke akwenzayo usuke enesizathu.

Lowo oPhezukonke kuthiwa wazi konke, mhlawumbe uyazi yena ukuthi ubemphumuza kuphi uNcwane njengoba emehlweni ethu kubukeka sengathi usheshe wamthatha.

Lala ngokuthula

Wonke umuntu osondelene nalo mculi ukhala ngokuthi bekungekho ukugula okutheni abekhala ngakho nabebekwazi, kwayizinso lezi ezimbulele bebeziqabuka.

Mhlawumbe impela bekukhona izimo ezizayo umfokaNcwane abengeke akwazi ukubhekana nazo, uMdali wakhe wabona ukuthi akambizele ekhaya kusekuhle.

Umculo wakho Ncwane uselaphile, wasigqugquzela, wasinikeza ithemba abanye baze bazana neNkosi ngenxa yawo.

Lala Manzini, siyeza nathi, okwakho nje ukusilinda ngengoma ozolokhu uyivume njalo ngalelo zwi lakho elimtoti!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-27°C Sunny. Mild. PE: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...