INGOSI: Lusekhona uthando lweqiniso, ungadidwa yizinto zomhlaba

2017-08-19 12:00

Durban - Yebo ngiyavuma ukuthi ngiyakuthanda

Angisho ukuthi ngizokuthanda ngezinsuku zenjabulo kuphela, uma unemali noma uhamba ngonyanyavu lwemoto.

Ngivuma ukuthi ngithanda wena siqu sakho, ngithanda wena nakho konke oyikho. Ngikuthanda unemali ucwebezela, ngikuthanda uxakekile ungazi ukuthi uzothatha ini uyohlanganise nani ukuze uphumelele.

Ngikuthanda ngisho usungeyisa, ungidelela, ungithethisa ngisho usubalisa nangezinto ezincane.

Ngikuthanda uthule ungasho lutho, ubambe isandla sami ungiphakamisa lapho engikhubeka khona.

Ngikuthanda sebekuhleba bethi awuyilutho futhi awunamsebenzi walutho, ngikuthanda sebethi awufanele ukulotsholwa wena ungumakadebona.

OLUNYE UDABA:Kabalufihli uthando uDJ nomrepha

Ngikuthanda namuhla ngoba uyalazi izolo lami futhi awukaze waba namahloni ngami.

Ngisho umndeni wakithi ungakwamukeli futhi ukuphilisa kabuhlungu.

Ngikuthanda namunhla ngoba ngiyalibona ikusasa lethu ukuthi liqhakazile.

Ngithanda wena siqu sakho ngoba ngazi ingaphakathi lakho.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter        

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...