INGOSI: Kwenzenjani zaguqulwa zonke izinqumo zikaJaji Masipa?

2017-11-24 19:24

Durban - Ziyahlehliswa zonke izinqumo ezenziwa ngujaji uThokozile Masipa ecaleni lika-Oscar Pistorious, lokhu kwenza abantu basole ukuthi wayecabange kanjani ngesikhathi ekhipha isigwebo.

Kuqala ukuqulwa leli cala, uMasipa wagweba lo msubathi ngecala lokubulala ngokungenhloso wase emgweba iminyaka emihlanu ebhadla ejele.

Lokhu kwadida futhi kwamangaza abaningi ezweni lonkana kangangokuba abashushisi banquma ukuthi bazofaka isicelo sokuba siguqulwe lesi sinqumo agwetshwe ngecala lokubulala.

Nebala kwenzeka kanjalo, iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala yasiguqula lesi sinqumo yathi kumele agwetshwe ngelokubulala.

Ngemuva kwalokho, kwabuyelwa enkantolo kuMasipa ukuze akhiphe isigwebo esisha, leli jaji lengeza unyaka owodwa nje vo. Konke lokhu kwenzeka nje abantu sebeqala ukungabaza indlela asebenza ngayo.

OLUNYE UDABA:Sesibutholile ubulungiswa, kusho abazali bakaReeva

Babodwa abasola ukuthi ufumbathisiwe, ngoba akakwazi ukuzithela ngabandayo kodwa kube kucacile ukuthi lo mlisa kumele agwetshwe kanzima ngokuhambisana nesisindo secala elimlahlile.

Babodwa abathi icala likulahla ngenxa yobufakazi obethulwe enkantolo.

Nalapho, abashushisi bacela ukuba lesi sigwebo sidluliswe ukuthi inkantolo enkulu kube yiyona ezokhipha isinqumo esifanele.

Nakhu, sekwenzekile. Ngabe lokhu kusho ukuthini ngeJaji uThokozile Masipa nokuziphatha kwakhe kuleli cala? Kumele simethembe ngokuzayo noma cha?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Le ngosi ibhalwe ngu-Nonkululeko Nhlapo @ndunhlapo 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...