INGOSI: Kuyoba kubi impela uma umama wosana ebemdibi munye ‘nezigelekeqe’

2017-03-12 13:24

Durban – Ukuthunjwa kosana lwentombazane olunenyanga eyodwa luzelwe eGame City, eThekwini, ngoLwesihlanu, kungizwise ubuhlungu obungefaniswe nalutho ekubeni ngingalwazi lolu sana kanjalo nomndeni walo.

Yize ngingeyena umzali ngokwenyama, kepha nginazo izingane zabafowethu nodadewethu kanjalo nezihlobo engihlala nazo nengizikhulisile.

Ngakho uma kwenzeka into efana nalena kuyazwela kakhulu ngoba ngiyazi angeke ngikwazi ukumelana nokulahlekelwa yilungu lomndeni engilithandayo ngale ndlela.

Kuthe uma le ngane sekumenyezelwa ukuthi isitholakele ngeSonto ekuseni, ngaba nomuzwa wokujabula.

Intukuthelo

Nokho injabulo yami iphenduke yaba yintukuthelo sengizwa ukuthi umama ungomunye wabasolwa ababoshelwe ukuthumba.

Amaphoyisa athi inkukhu iwusolile umgqakazo ngesikhathi “kunezinto eziningi ebezingahlangani” ngesikhathi umama wosana echaza ngokuthi ithunjwe kanjani le ngane.

Uma wamuzwa ekhuluma emsakazweni i-East Coast Radio njengami, wawungeke uze usole lutho. Kepha-ke amaphoyisa ayawazi umsebenzi wawo futhi achitha iminyaka eminingi eqeqeshwa. Uma kukhona awakusolayo, ngiyalwamukela uphenyo lwawo.

Izingane zilahleka umzuzu nomzuzu kuleli, kepha kukancane ukubona izwe libambisene ngale ndlela ekufuneni umntwana kanye nasekuthwaleni umndeni kangaka ngomkhuleko.

Mina ngikhuluma ngabantu abangazange balale ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi bezwe ngalolu daba.

Angiyiphathi eyamaphoyisa abesebenza ubusuku nemini ethungatha lolu sana kanjalo nezinsiza zoMbuso ezisetshenzisiwe, kwama yonke into kubhekwa uSiwaphiwe Mbambo.

Kuyini nje ukuvela kokuthi lo mama uboshwe neshende lakhe nomunye wesimame, hhayi ngigeza izandla!

Singadikibali ekwenzeni okuhle

Impela uma kungukuthi umama wale ngane ubelazi iqiniso ekubeni thina besijilajilwa wubuhlungu benhliziyo – anginawo amazwi.

Sengathi uma kukhona ubufakazi obuyamanisa umama wengane nalesi sigameko, kungangaholeli ekutheni abantu baseNingizimu Afrika badikibale ekwenzeni okuhle.

Ukuduka kwale ngane kutshengisile ukuthi uma sibumbene singenza izinto eziningi ezinhle.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-18°C Sunny. Mild. Bloem: -1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...