INGOSI: Kuyingozi ukusokwa usumdala

2017-08-23 20:42

Johannesburg - Phakathi kwemizamo yokunqanda ukwanda kwesifo sesandulela ngculazi (HIV) nesiyimbangela yeNgculazi ngumkhankaso wokusokwa.

Ubungozi abangabusho-ke laba abaqhuba lo mkhankaso ukuthi uma usukwenza usumdala sewaze waqala nokuzibandakanya ngokocansi kunezinto eziphazamisekayo, njengokufinyelela kuvuthondaba.

Uma ungasokile/ungasokiwe ikhanda lenduku yakho lihlala livikelekile ngokwendalo lihlezi endaweni eswakeme futhi efudumele nokwenza lizwele (libe-sensitive) uma usuwenza umsebenzi.

Ukuzwela kwalo kwandisa ubumnandi bocansi nokwenza uluthokozele kakhulu ucansi, nokusizayo ukuthi ukwazi ukugadla uphindelela iziqubu zilandelana.

Uma ususokiwe ikhanda lenduku yakho liyephuza ukuzwa, lihluma isikhumba sokuzivikela ngoba selihlezi lingaphandle ligudlwa yisikhindi sangaphansi nezingubo ozigqokayo.

Ucansi luyaqhubeka lube mnandi futhi uyizwa kahle ‘induku’ yakho ingena iphelele ngaphandle kwe”nyama” eyijwabu.

Inkinga iqala uma sekumele ulahle imithwalo, uma usanda kusokwa uyilahla kanye noma kabili kube kuphelile. Kuba nzima kakhulu ukufika kuvuthondaba uma ususokile.

OLUNYE UDABA: Lusekhona uthando lweqiniso, ungadidwa yizinto zomhlaba

Kuyinto-ke ethandwa ngamadoda amaningi ukudonsa isikhathi eside, nokuba yinto enhle nemnandi oyithokozela uma usanda kusokwa.

Uma kuzokuphoqa ukuthi usebenzise ijazi lomkhwenyana kuba ngumqansa ke ukufika kuvuthondaba angisayiphathi ke eyokuphinda.

Lento yenza-ke abantu bagcine belikhumula ijazi lomkhwenyana ngoba kungasaqedeki, ilaphoke kuqhuma khona ushodi kungene izifo kuvele nezingane ezingahlelelwe.

Yize lenkinga yokuphuza ukufika kuvuthondaba ingayona inkinga yowowonke umuntu wesilisa kodwa ivama kakhulu kwabasokwe sebebadala.

Uma uzosokwa, kungcono usokwe usamncane ungakaleqi iziko ukuze uthi uqambe uyaqala vele induku yakho seyazi lokho. Uma ungasokile usumdala, sale usuyeka uqine nje ngokuzivikela ngejazi lomkhwenyana.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...