INGOSI: Kuqala kuwumdlalo, kuze kuphoxeke umuntu

2018-01-19 19:30

eThekwini - Kuqala kuwumdlalo omnandi nogijimisa igazi, ukujola ezinkundleni zokuxhumana, kuze kube wukuthi kukhona opphoxekayo.

Iyindida indaba yokunconywa njalo kulezi zinkundla, kulokhu kuthiwa umuhle, umi kahle, yeyi umamatheka kamnandi.

Ulutheke nawe uzitshele ukuthi kukhona ngempela umuntu okukhathalelayo.

Uzwe umuntu ekubuza ukuthi luhamba kanjani usuku lwakho, zinjani izingane ekhaya.

Into okudala wagcina ukuyizwa kulo zavolo othandana naye. Yebo phela usumbona enguzavolo namhlanje ngoba nakho kukhona umuntu omusha okuncomayo.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Gwema ukuxoxa ngezinkinga zakini nomuntu ojola naye

Niqala kancane kancane umuntu ekubuza ukuthi ubugqokeni namuhla, udleni emini, acele izithombe.

Nawe uzithumele, phela kumnandi angithi ukunconywa.

Uphaphama umuntu usefuna izithombe zobunqunu ezokubona kahle, angithi vele kudala nikhuluma imikhuba ocingweni.

Nifonelana nasebusuku nixoxe ngezinto ezigijimisa igazi.

Inkinga ngokuthumela izithombe izenqunu wukuthi kulula ukwenza amakhophi.

Ngisho senixabene nalowo muntu, kodwa ngeke usakwazi ukuzibuyisa lezo zithombe.

Ngale kokuba nezithombe zakho ezinqunu esezingezomunye umuntu, ongazisebenzisa ngokuthanda kwakhe.

Akuve kubuhlungu ukuthola iqiniso lokuthi lomuntu osumthanda futhi ubusuzitshela ngaye, ushadelwe.

Yeka isikhathi sakho, imizwa osunayo ngaye kanye nesikhathi sakho wehla wenyuka uyobonana naye, kwesinye isikhathi uze ushiye lo othandana naye ngethemba lokuthi uthole okungcono kanti cha, udlala isigebengu ebesifuna ikhekhe kuphela.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...