INGOSI: Kukhulu okuqhubeka ngaphakathi kuPirates

2017-02-11 18:30

Durban – Ukuphela ngaleya ndlela komdlalo obuphakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns kukhombisa ukuthi kukhulu okuqhubekayo ngaphakathi eMayfair.

Lo mdlalo ugcine usuqedelwa ngesinye isikhathi njengoba kuthe uma iSundowns ifaka igoli lesithupha, abalandeli bavele bangena enkundleni, abanye bajikijela abadlali ngamabhodlela.

Lo mphumela awuyiqali iPirates njengoba ngesizini eyedlule yashaywa yiSuperSport United ngamagoli ayisithupha, nokwaholela ekutheni uMuhsin Ertugral asule isigubhukane njengomqeqeshi.

Akulandelwe imigudu efanele

Uma abadlali bePirates, ecijwa ngu-Augusto Palacios kulezi zinsuku, bengeneme – kungani bengalandeli imigudu efanele kunokuthi bazehlise isithunzi baphinde bacekele phansi umlando weqembu owakhiwa kanzima.

Ayisizi le nto yokuthi abadlali bavumele amanye amaqembu azigwazele ibhece kubo ngenxa yokuthi kukhona mhlawumbe abangahambisani nakho okuqhubeka ngaphakathi.

Inkundla akuyona indawo yokuzwakalisa izikhalazo, kepha lokho kwenziwa ngokulandela imigudu efanele esuke ibekwe yizikhulu zeqembu.

Angikholelwa ekutheni udonga lweBhakabhaka seluntekenteke ngaleyo ndlela yokuthi sekungadlula amagoli amaningi kangaka. Kukhulu okwenzekayo thina esingakwazi.

Ngeke wenze iphutha elifanayo kuze kube kasithupha, ngiyala!

Kungenzeka ukuthi iPirates italajwe ngenduku nje ngoba ingadlali kahle, kodwa kukhulu ukungabaza.

Sekuyangifikela ukuthi kusho ukuthi yayiyiqiniso imibiko ethi aabadlali abajabule kuleli qembu ngenxa yezinto ezithile.

Siyaphoxeka singabathandi bebhola

Lo mdlalo besiwulindele ngamehlo abomvu ngenxa yokuthi bekugadulisana amaqembu aba yizinkunzi kowe-CAF Champions League.

Lokhu okwenzeke enkundleni kusifikisele ngamahloni amakhulu singabalandeli bebhola. Lesiya sikwati ebesidlala enkundleni besingafani nakancane nePirates esiyaziyo nesiyijwayele.

Uma abadlali bengajabule ngomqeqeshi noma ngezikhulu zeqembu, abenze izindlela zokuthi kuhlalwe phansi kuxoxiswane.

Singabalandeli asidingo ukubona izinkinga zeqembu zinekwa enkundleni eyakhelwe ukudlala ibhola.

Le nto iyasehlisa kakhulu isithunzi seqembu, ayiyekwe!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Haze. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...