INGOSI: Khohlwa mnakwethu, ngeke uyithole eyami indoda

2017-10-18 19:32

eThekiwini - Ayikho into ebuhlungu njengokuthandana nomuntu ongakuhloniphi futhi angabi namahloni ngobusoka bakhe.

Yebo, iningi lamadoda lingamasoka futhi ayikho into ongayenza ukuguqula umuntu ukuze ashintshe, athembeke kuwena wedwa.

Baningi abantu besimame ababhekene nenkinga yokuthandana namadoda angamasoka, futhi kubuhlungu ukubona umuntu azi kahle ukuthi indoda yakhe iqonyiwe, kodwa futhi ahlale.

Unokuzwa umuntu ethi ngifike endlini ngathola ibabazi lami lihleli nentombi, kodwa ngavele ngazithulela nami ngathi angiyi ndawo.

Uma uyilandela kahle le ndaba, uyakutshela ukuthi sineminyaka sithandana, ngakhoke ngeke ngikhishwe wumakhwapheni osanda kuqoma.

Ungithole ngilapha, ngiyazi uzojola naye okwesikhashana bese ayamlaxaza, siqhubeke nodali.

"Phela amadoda akhohlakele kabi, umuntu uzothola intombi yesikhashana azoyenza isikigi sakhe, kodwa ekugcineni uzobuya kimi nakanjani. Manje ngizomlahlela bani, yonke leminyaka engiyihlale naye ngiyichithe kalula kanjalo nje."

Omunye umuzwe ethi ngangiphatheke kabi ngithola ukuthi isoka lami leminyaka emihlanu limithisile.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Yangigila indoda yalobola yaqeda ngikhona ngihlala nayo

"Okwangiphatha kabi kakhulu wukuthi umithise intombazane esasikade siyibanga. Okwakungicika kakhulu wukuthi izintombi ayejola nazo zazitanasa ezinkundleni ezifana no-Facebook, ubone ngezithombe ukuthi ziyaphihlika lapha kumnandi."

Yize ngangimala, ngibona kahle ukuthi akukho ukubekezela lapho ngoba lomuntu wenza iphutha elilodwa elokhu eliphindaphinda. Ekugcineni inhliziyo iyisilima kabi ngoba ngisho ngingadinwa ngimale, kodwa uthando lona lwaluhleli lukhona.

Lo wesimame uthi isoka lakhe lalixolisa njalo uma eselibambile futhi nalo libonise ukuthi liyazisola nokuyinto eyayimenza abuyelane nalo.

"Akulula ukumyeka umuntu wakho umthanda, lokhu kusho ukuthi uvumela abanye abantu besimame bawine."

Umbuzo uthi, kusizani ukuhlala nomuntu ongakuhloniphi, ukuhlala nomuntu ongathembekile nongadlulwa siketi?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...