INGOSI: Inkulu ingcindezi kwabakipitile ngamaholidi okuphela konyaka

2017-12-28 18:02

eThekwini - Izithandani ezihlala ndawonye zingashadile zibhekana nengcindezi enkulu ngamaholidi okuphela konyaka uma sekumele kuyiwe emakhaya.

Ngalesi sikhathi abantu abaningi bayavala emsebenzini babuyele emakhaya lapho bethatha ikhefu likakhisimusi noncibijane.

Lokhu kusho ukuhlukana nothandiweyo wakho ngoba nisuke nibheke ezindaweni ezingafana, kwazise phela akukho okunigcina nindawonye ngokomthetho nangokosiko.

Lesi yisikhathi esibuhlungu kakhulu kwabanye lapho kuvela amaqiniso namahlazo ezithandwa zabo.

Babodwa abesimame abazwakala bekhala ngokushaqeka bethola ukuthi izithandwa zabo zinezinye izithandwa zazo emakhaya.

USibongile Mkhonza uthi uthuke kabi ethola ucingo oluvela kumzala wesoka ahlala nalo eThekwini emtshala ukuthi ubesezwile yini ukuthi isoka lakhe beliyohlawula ingane lase linyuka nengalo.

"Ngathuka ngacishe ngoma ngithola lolu cingo ngizihlalele ekhaya. Umzala wesoka lami sijwayelene futhi siyazwana kakhulu, ungithinta nje, naye ushaqekile ngalokhu futhi uthi ubecabanga ukuthi sesahlukana nesoka. Okubuhlungu kakhulu wukuthi isoka lahamba sizwana singaxabene futhi kalikaze lingitshele ukuthi limithisile nokuthi sekunengane ekhona,"kusho yena.

Uthi usehleli-nje emakhaya akazi ukuthi uzokwenzenjani ngalolu daba.

UMkhonza akusiyena yedwa ubhekene nale nkinga.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Baningi ababulawa yindlala emendweni

Abanye babona ngezithombe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ziyaphihlika, kusindwe ngobethole isoka liyagcagcelwa.

Omunye ongafunanga igama lakhe lidalulwe uthi yena wathula sengathi akaboni, ethunyelwa izithombe isoka liyombesa.

"Ngathuka, ngakhala kodwa ngazitshela ukuthi ngeke ngivumele omunye umuntu angenze ngibe nenzondo. Ngahamba ekhaya ngingumuntu onesimo esiphuthumayo esimdinga emsebenzini. Ngabuya ngafuna ifulethi elisha, ngathutha konke okwakusendlini, ngashiya kuphela izimpahla zakhe ngahamba,"kusho yena.

Uthi isoka lali mfonela nsukuzonke, naye ephendula sengathi akukho lutho alwaziyo futhi liyoze libone selibuya ukuthi sekwathuthwa lapha.

Kuthini ukuphawula kwabantu besilisa ngalokhu?

Iningi lamadoda likholwa wukuthi uzoyithengelani inkomo ube uluthola mahhala ubisi?

"Ayikho into engangikhuthaza ukuthi ngiyokhokha kuba kwentombi uma isize yavuma ukuhlala nami mahhala,"kusho elinye ibhungu.

Abanye bathi amantombazane amosha ngokuthemba into eshiwo wumuntu nokulangazelela uthando ngokweqile umuntu agcine esenza into engalungule.

Uma ekuthanda ngokweqiniso uzokwenza ukwethembeka kuwena kanye nakimi, uma ukhombisa ukuthi ngeke uvume ukulingeka uhlale naye mahhala.

"Uma uvuma kakula ukuhlala nami, yini ezokwenza ngithembe ukuthi awukaze uhlale nomunye umuntu ngaphambilini"

Abanye bathi esikhathini esiningi umuntu usuka emakhaya enaye vele umuntu wakhe, kodwa ngesimo sokuthi ulawulwa wumsebenzi, ngeke akwazi ukuhlala naye eGoli, bese ethola lo azoqhuba naye isikhathi kuze kushaye isikhathi sokuya emakhaya.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...