INGOSI: Ihlekisana ihlomelene

2016-06-16 13:37

Durban - Namuhla sibungaza usuku lwentsha, baningi abakhumbula ubunzima nobuhlungu obenzeka ngalolu suku.

Yabona uma ngicabanga ngendlela abantu bakithi abafa ngayo ezandleni zikahulumeni wengcindezelo, cha ngempela liba khona lelo gqubu lokuthi sisathwele kanzima singabantu.

Yazi singazikhohlisa sithi sixolile, kodwa uma kusathi xhifi kuwe uma ubona lamavidiyo kanye nezithombe zabafundi beshaywa, ubona abantu abamnyama behudulwa, hhayi uxolo yinto esaqhelelene nawe.

Ngiyacabanga asikaze siyithole incazelo eqondile siyisizwe esimnyama ukuthi kungani sasibulawa, sishaywa, sigqilazwa njengezilwane. Incazelo nje eqondile.

Mina angikaze ngibone ividiyo kantamolukhuni ethi sasikwenza lokhu ngoba siyanizonda, sasikwenza lokhu ngoba sifuna ukuthatha umhlaba wenu ngodli, noma sasikwenza lokhu ngoba sifuna ukunibonisa ukuthi niyizimpatha kangakanani.

Hhayi into ozoyizwayo wukuthi, nathi sasitshelwa ukuthi senzeni, siyazisola ngalokho okwenzeka, hhayi abaphathi bezwe bangaleso sikhathi ababethatha izinqumo bese thina siyenza.

Hhayi cha, mhlawumbe kusangaba wukuthi siqhubekela phambili ngempilo sibe sizenzisa senza sengathi sixolile, kodwa angiboni kahle.

OLUNYE UDABA:

Uxola kanjani uMbuyisa Makhubu engakatholakali, ubusuzwili ukuthi ukuphi? Ubusuke walibona ithuna lakhe? Noma mhlawumbe uyalazi ijele ahleli kulo?

Umndeni wakhe, ngabe nawo kumele uxole, uqhubekele phambili ukhohlwe uyena? Abangani bakhe abasinda, ngabe kumele baxole.

Buka namuhla isizwe sinjani, kunzima ukubekezelelana ngempela, silokhu sihlabana ngamagama aziswana, kancane kancane uzwa kuvela elezinkawu, kancane kancane uzwa kuvela elokuthi abantu abansundu abasile, abafundi abayiluthi, izingane zanunuselwa ngesinkawu epulazini lasePMB ubani owathini kubani.

Yabona kusanesilonda esibhibhile nje futhi sigcwele ubomvu, lapho esiyoqubuka khona, uyothi ngasho ngathi awakapholi wonke amanxeba

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...