INGOSI: Hlukana nocingo lwendoda

2018-01-08 16:01

eThekwini - Ayikho into esusa ukukhuluma okungapheli othandweni ukudlula umakhalekhukhwini. Le nto incane impela, kodwa imindeni ihlukana iphele nya ngenxa yayo.

Kwenziwa yini ukuthi umuntu angakwazi ukuzibamba, alokhu efuna into ezomephula inhliziyo?

Yebo, kuyajolwa efonini. Uyakwazi lokho ngoba nawe uyajola efonini yakho, kodwa ngale kokuzisola ufuna ukulokhu ucinga into ngisho ifihliwe.

Yini? Ufuna ukubona ukuthi ngabe isoka lakho lijola kakhulu kunawe? Ufuna ukubona ukuthi lithini kulezi zintombi ezigcwele ku-WhatsApp walo? Ufuna ukubona ukuthi yini eliyisho kubona ngawe?

Cha akakufihlanga, kodwa futhi akalikhulumanga lonke iqiniso.

Izintombi uyazitshela ukuthi unaye umuntu….kodwa futhi uthi akusemnandi othandweni lwenu yingakho esebone kungcono aqalaze ngaphandle.

Ngisho ungayithanda kangakanani indoda yakho, ukujola nje izokujolela. Ukuthi umuhle, ugqoka kahle, uyayihlonipha, uyinika ucansi nsukuzonke, uyiphekela kamnandi…izojola.

Lo muntu ujola ngisho usumupha imali, ahambe ayoyidla "nomas'gebengu" wakhe ozigqokela ama-pumps ne-high-waist nevesti elimhlophe.

Avele akujolele nentombi engenaso ngisho isikhwama sokufaka izinto zokugeza, ephatha ngoplastiki, wena ulibelwe wukuthenga ama-toiletry bag ase-Edgars. He he he!

OLUNYE UDABA: INGOSI: Akekho ongazi ukuthi "ondukencane" bayayidedela imali

Konke lokhu uzokuthola lapha efonini, qhubeka wena ucinge into ezokuqulekile.

Yebo, babuye bahlebe ngawe nekhwapha lakhe. Ubone ikhwapha libuza indoda ukuthi: “Luphi uhlanya lwakho.”

Yebo, baluqala baze baluqede ucansi lwasefonini, batshelane ngendlela abahalelana ngayo, ukhona wena ula, ulibele wukugeza kathathu ngosuku.

Umuzwe umuntu ephuma engena kuGoogle ufuna izindlela zoku-hack uWhatsApp wesoka ngoba ethi ufuna ukuzibonela ngokwakhe ukuthi yenzani efonini.

Usuyawubona lowo WhatsApp, weba izinombolo zekhwapha usulokhu uthuka izingane zabantu uthi azihlukane nendoda yakho wemame!

Umuntu angalali ebusuku, uphaphama phakathi kwamabili, ufuna ukweba ifoni yendoda ukuze afunde kahle imilayezo esefonini.

Uthi uyabheka kanti vele nenamba yakho ibhalwe ngokuthi uBaba Ngcobo, Sisi, Nkanyamba, bese uphatheka kabi. Kokunye uvele uthole iqiniso lokuthi awusona i-straight, kahle-kahle uyiikhwapha.

Qhubeka nokukulufa ifoni yendoda, uzokuthola okufunayo!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...