INGOSI: Gwema ukuxoxa ngezinkinga zakini nomuntu ojola naye

2018-01-09 18:01

eThekwini - Iba sothandweni, kodwa ungenzi uthando lube yimpilo yakho, kanjani?

Kukhona abantu abangena othandweni, bese bayamnamathela umuntu, bakhohlwe yimpilo yabo nokwenza ezinye izinto ezizothuthukisa impilo yabo, kodwa banake isithandwa kuphela.

Yebo, kuhle ukuthi umuntu othandana naye abe ngumngani wakho. Lokho kwenza kube lula ukuxhumana kwenu, ukwazana kangcono kanye nokwakha ubudlelwano obuqinile.

Kuba yinkinga kakhulu uma usuthatha lo muntu umenza impilo yakho. Awusakwazi kwenza lutho ngaphandle kwakhe. Uma ehambile ezikhiphile nabangani bakhe, wena uhlalela ukufonelana naye ulokhu ubuza ukuthi ubuya nini, uhleli nabobani lapho ekhona futhi wenzani.

Hawu, akasakwazi ukuzijabulisa umuntu nabangani bakhe ngoba wena usele wedwa endlini?

Lokhu kuyisifo esibi kakhulu ngoba ugcina sewenza izinto ezimbi ungaqondile, hhayi ngoba ungumuntu omubi nothanda ukukhuluma, kodwa ngoba awusenayo eyakho impilo.

Yebo, kulula ukuthi umuntu uma engena othandweni akhethe ukuqhela kubangani ashintshe nokwenza, kodwa lokhu akusho ukuthi kumele uguqule impilo yakho yonke.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Uke waqonywa wuhlanya lwentombazane

Awusakwazi ukuzithathela izinqumo ungakhulumanga naye, awukwazi ukuvakashela izihlobo ungamtshelanga.

Anishadile nokushada nalo muntu wakho, kodwa uyabika, ekhaya bakuthuma edolobheni uyabika, unezinkinga ngodadewenu, utshela isoka.

Ngelinye ilanga uzokujikela, esephelelwe wuthando, uzobe esekuthuka ngezinkinga zakini. Uzozwa sengathi udunyelwa yikhanda, sengathi kukhona ovele wakugwaza inhliziyo lapho esekujikela.

Ayikho into ebuhlungu njengokujikelwa wumuntu omethembayo, umuntu omthandayo nomuntu obucabanga ukuthi uzoba naye impilo yakho yonke.

Akujikele umuntu aphenduke isitha sakho esikhulu.

Uzwe usuzwa ngezintombi zakhe sezikutshela ngamahlazo akini obuwaxoxa nomuntu wakho.

Yebo, kulula ukukhuluma nomuntu othandana naye futhi kwesinye isikhathi ubona sengathi uyena yedwa onendaba nawe emhlabeni wonke, kodwa engingakutshela khona ukuthi kumele uqaphele!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...