INGOSI: Emsebenzini akusikhona ekhaya kini, funda ukuziphatha ngendlela

2017-10-16 19:31

Thekwini - Kubalulekile ukuwazi umehluko phakathi kwendawo osebenzela kuyona nekhaya lakho, futhi ukwazi ukuziphatha ngendlela efanelekile.

Kunezinto okumele uzikhumbuze zona uma usemsebenzini futhi akekho umuntu ozokufundisa zona.

Kumbula ukuthi yini ekulethe lapha:

Singabantu asifani futhi zihlukene izizathu ezisenze sasukuma safuna umsebenzi. Omunye uyasebenza ngoba uyalwazi usizi lwakubo futhi ayikho enye indlela yokuqeda ububha ngaphandle kokusebenza.

Omunye ufuna ukuzimela, azenzele izinto ngemali yakhe ayisebenzele.

Omunye ufuna ukuba nolwazi lomsebenzi, ufuna ukuzibona engumuntu okhuthaza abanye abantu ngemisebenzi yakhe futhi azakhele igama njengomuntu ohlonishwayo kule mboni asebenzela kuyo.

Omunye uyasebenza nje ukuze ondle umndeni wakhe, akukho afisa ukukuzuza ngaphandle kokwenza lokhu akuzele, ahole, azidlele imali yakhe.

Indlela oziphatha ngayo ibalulekile:

Yebo, akusikona kini la, futhi awuzelanga ukuzokwenza abangani, yize kunjalo, lokho akusho ukuthi kumele ube ngumuntu omuncu, ongangeneki, noma ube nguvovoliyakhipha umuntu ohlezi etholakala ezindabeni zokuhleba, nokwenza abanye abantu bazizwe bengelutho.

Yebo, uchitha isikhathi esiningi emsebenzini futhi laba bantu osebenza nabo bakwazi kangcono ukudlula umndeni wakho, kodwa uke uzibuze ukuthi indlela oziphatha ngayo yenza abantu bakuthande, bakwamukele noma bakuxwaye?

Uke ucabange ukuthi uma kungavela isikhundla esiphezulu, udinga abantu abazofakaza ngawe ukuze usithole leso sikhundla, bazokuncoma bathini?

Uma usesikhundleni, uke uzibuze ukuthi indlela ophethe ngayo ozakwenu, yindlela ongafisa ukuphathwa ngayo uma sekugingqika isondo?

OLUNYE UDABA:INGOSI: Yangigila indoda yalobola yaqeda ngikhona ngihlala nayo

Amaphathi nemicimbi yokuphela konyaka:

Imicimbi yasemsebenzini yenzelwe ukuthi nazane kangcono ngaphendle komsebenzi, indlela enizijabulisa ngayo nendlela eniziphatha ngayo kule micimbi iveza ubunjalo bakho.

Okokuqala, kubalulekile ukugqoka uhlonipheke, ikakhulukazi uma ungumuntu osebenza ngenyumfomu, uma usuthole ithuba lokuzicupha, ungasikhohlwa isimilo sakho.

Ngomcimbi nje wokuvala unyaka, usuyaklabalasa phambi kwabaphathi ushaya amaWololo. Ungadidwa ngabantu abansinsithekayo uma wenza lokhu ucabange ukuthi bayajabula, cha, bakuhleka ubulima. Yebo, ubumnandi busuke bungakaqali kahle uma ungakadakwa, kodwa weee, sithule siyabuka asisho lutho!

Izinkundla zokuxhumana:

Baninga abangangifakazela ukuthi izinkundla zokuxhumana zinhle futhi zimbi. Umuntu uqamba amanga athi uyagula, qham-thushu usefake izithombe kuFacebook bekumnandi izolo kwandawo bebusa.

Hawu, awuguli ushaywa yizidubulo zangempelasonto. Yeka la ma-video enithanda ukuwafaka nithi 'check in' emsebenzini. Abanye bafaka nezinto ezingasile baveze amanyala abawenzayo.

Incane into exoshisa umuntu emsebenzini neyenza angakuthokozeli ukuba semsebenzini kanti esikhathini esiningi, usuke uzigwaze ngowakho.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...