INGOSI: Bhasobha ukuthandana nembungulu ekuncela igazi

2018-01-10 19:32

eThekwini - Ukuthandana nawe akungenzi umzali wakho, kodwa ngingumuntu obambisene nawe, nofuna ukwakha ikusasa nawe.

Lokhu kusho ukuthi ngisebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ngizakhela ikusasa elihle, nawe ubaliwe kulokho.

Uma sithandana, sisuke singabantu ababili, abahlanganyele ndawonye ngenhloso eyodwa futhi sisike sibheke ukuzuza izinto ezifanayo.

Lokhu kusho ukuthi sinamaphupho esifisa ukuwafezekisa. Lawo akusiwona amaphupho okufezekisa izinkanuko zomzimba kuphela, noma ukufezekisa izidingo zenyama.

Kodwa umuntu ngamunye unezinto azifisayo ngempilo yakhe, ngomndeni wakubo, kanye nekusasa lakhe.

Yingakho uma ukhetha ukungena othandweni, ungema nomuntu okwaziyo lokho akufunayo empilweni nokuthi uzokuzuza kanjani.

Yebo kuyenzeka ukuthi uthole umuntu esaxakekile, kodwa lokho akusho ukuthi kumele ukuthwale ukuxakeka kwakhe ukwenze okwakho.

Yebo kuyabanjiswana othandweni, sisizane…kodwa uyikinga umuntu ocabanga ukuthi uphoqelekile ukuthi uthwale izinkinga zakhe.

Kulula ukuhlala phansi nihlele ngezindlela enizobambisana ngazo ukuze nitakulane uma nihlangabezana nezimo ezinzima.

Izimo ezifana nokulahlekelwa wumsebenzi, ukulahlekelwa abazali okuyibona abakondlayo noma ukukhulelwa ningahlelile.

Lezi ngezinye zezimo ezifaka enkulu ingcindezi othandweni.

Yizimo ezifana nalezi ezidinga ukuba nihlale phansi nibonisane ngenqubekela phambili nokuthi nibhekana kanjani nalezi zingqinamba.

OLUNYE UDABA:MAMGOBHOZI: Umsakazi onjani uNgizwe Mchunu ofuna ukuhamba elwa nezwe lonke

Kubuhlungu ukuthandana nomuntu ocabanga ukuthi ngoba nakhu uthandana naye sekumele umthwale.

Ukukhulelwa kwakho akusho ukuthi ubaba wengane useyibhange lakho.

Ngosuku lokuhola, ukhunjuzwa wuwe ukuthi imali isingenile, engakayiboni nokuyibona yena.

NINGABAZALI NOBABILI, ungakukhohlwa lokhu uma usuyifuna ngenkani imali yengane kodwa wena uhleli dekle phansi.

Uyiqaphele nendoda engafuni ukusebenza. Awave engamaxoki amadoda kulezi zinsuku.

Umuntu ajabulele ukuthi unentombi enemoto, efundile futhi esebenza kahle, bese elokhu ekuncela igazi.

Abantu besimame kumele bakuqaphele ukuncenga uthando ngemali.

Anolaka nesikhwele esibi amadoda angafuni ukusebenza, uzocabanga ukuthi uthando lungenhla kanti cha, ubona ukuthi bazoze bamthathele ibhodwe lakhe eliconsayo.

Kubalulekile ukuthuthukisana othandweni nibonisane ngezindlela ezizonisiza niqhubekele phambili, ngoba ayikho into enzima njengokuthwala umuntu obalisa njalo.

Ugcine usuzenyeza wena, ngoba usujwayele ukuzwa izinto ezikuphula umoya ezishiwo wumuntu ongukhamisa-ngithele.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Tstorms early. Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-32°C Sunny. Hot. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...