INGOSI: Angikusabi ukuqala phansi, ngishintshe impilo yami

2017-03-06 18:04

Durban - Kunezimo enokubhekana nazo ezikuphoqa ukuthi uqale phansi kwa-a.

Uzohlulwa yini ukuqala phansi uma kungukuthi izinto owawuzama ukuzenza aziphumelelanga?

Angithi kuyenzeka uthandane nomuntu iminyaka eyishumi, akulaxaze ngesimanga sento encane ayothatha omunye umuntu.

Kanjalo, kubuhlungu uvuka njalo ekuseni uzitshele ukuthi impilo iyaqhubeka.

Okungakubulali kuyakwakha, kuyakuqinisa kukwenze umuntu ongcono.

Nginokubuka obhuti abangonogada, umuntu uhlala usuku lonke esangweni lenkampani ethile, ajatshuliswe wukuthi uzoncisha abanye abantu ulwazi namathuba okungena ngoba nakhu yena ubekwe njengephoyisa lendawo.

Uthole usisi osebenza emakhishini noma esitolo esithile, ejatshuliswa wukuchomela abantu ngokuthi umphathi wakhe unani noma umuphe isikhwama seNine West.

Bangakhi abantu obaziyo abaqala ngengonogada, umuntu ehola ngaphansi kwezinkulungwane ezinhlanu ngenyanga, kodwa namuhla ugibela i-BMW futhi usengumphathi enkampanini ethile?

Bangakhi osisi obaziyo abagibela izimoto zikanokusho, kodwa uma uthi ulalela indaba yabo bakutshele ukuthi babehlukunyezwa emakhaya mhlawumbe omam'ncane babo babengafuni bafunde baze bayosebenza emakhishini.

OLUNYE UDABA:Izinto engizifundile kulo nyaka

Yebo, asifani singabantu futhi nezimo esibhekene nazo azifani, kodwa uma ufuna ukuyishintsha impilo yakho ungakwenza lokho.

Yebo kulula ukubalisa ngohulumeni, nomasipala wendawo ongenamsebenzi walutho, kulula futhi ukuthi unezingane inqwaba kanti nobaba wazo akazondli ngakho-ke yonke into ekhaya ibheke wena.

Kulula futhi nokuthi uzame ukwenza izinto ngendlela ehlukile.

Uyazi ukuthi i-Unisa inama-short course amangakhi, futhi ayimalini?

Uyazi ukuthi kubiza kanjani ukufundela ukuba yi-paramedic noma ube yisicishamlilo?

Uma usuqedile ukukilina kwamungu, uhlala imini yonke wenzeni, ubukele i-TV ulinde izingane zakhe zizokubangela isicefe, awusebenzisi ngane leso sikhathi ukuba ufunde?

Ngengoba uhleli esangweni lasesibhedlela ungunogada udelela abantu, awuziniki ngani isikhathi ufunde, ubuze kwabasemahhovisi ukuthi akhona yini amathuba okufunda uthuthukise amakhono akho.

Kulula ukubalisa ukhombe abantu ngomunwe owodwa kodwa yazi ukuthi emithathu ikhomba wena.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...