INGOSI: Amadimoni yizilwane zabefundisi!

2017-09-05 17:59

Durban - Kukaningi ngizwa la bafundisi bamatende beshumayela ngokukhishwa kwamadimoni kubantu. Kaningi lomkhuba uthandwa kakhulu ngabantu abalangazelele izimanga emasontweni nokudala ingcindezi kubefundinsi ukuthi ukuze ibandla lakhe lande kumele enze le migilingwane.

La bafundisi abakhipha amadimoni badlalile ngabantu abakholwayo. Yiloku ngaba khona akaze ngizwe kuthiwa kukhona umuntu ogulayo ophethwe amadimoni.

Bonke la bantu abaqimuleka phansi uma sebathandazelwa bangena bezihambela ngokwabo esontweni bengenalutho.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Amakholwa ayizimpumputhe!

Indaba iqala uma sekukhala uphiyano lapha iluxavatha inceku nomnkenenezo osalusizi ashumayele kakhulu ke lapho umfundisi aze akhulume ngezilimu ivuke ime ngezinyawo-ke le nto abasuke bekhuluma nayo.

Amadimoni awekho, akhandwa ngabefundisi ukuthi kuthiwe banezimanga emabandleni abo. Bayobhuquziswa phansi-ke abantu bekhihlize amagwebu kubengathi lukhulu luyenziwa kanti izilwane zakhe umfundisi yizona eziklinya abantu. 

Uboqaphela ngoba uma kukhishwa amadimoni awayeki ukuklinya umuntu kuze kube umfundisi nophiyano luthula du.

Ngenkathi umfundisi esashumayela esho o-"fire-fire" zivuka lezi zinto zime ngezinyawo zihlale kubantu abangaqinile.

Umuntu usuka kwakhe ezihambela ngezinyawo zakhe ezongena enkonzweni. Kusuke esinamathambo uma sekuyisikhathi sokukhishwa kwamadimoni.

Uke uzibuze nje ukuthi kwenziwa yini ama-Usher engawi wona uma kuthiwa "fire".

Yini lo oshuthayo angawi yena mekuthiwa "fire"? Yingoba lei zilwane zabefundisi zisebenza ngabantu abangaqinisiwe. Lonke ithimba likamfundisi liqinisiwe?

Thina boNtshebe nje bawa ngapha nangapha abantu sisale simi ngezinyawo ngoba saqiniswa kudala akunamfundisi ongafufutheka eze la kimi.

Qhubekani ke nidlale abefundisi benileka ngesithunzi bese benikhomba amadimoni ngoba nani niyazithandela. 


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...