INGOSI: Akuwona uMembeso yiZibizo!

2016-10-13 17:59

Durban - Ukwanda kwaliwa abahlengikazi abathi makuhlelwe umndeni.

Bengisathe gozololo ngibambe isimilo njengengqapheli ezigcobile. Ngisukunyiswa ukubona ukuthi naku engathi izinto ziyonakala la obhakavane bayihlomehlathini sikhona siziNtshebe sibhekile.

Ubani owafika nalelitemu lokuthi izibizo uMembeso? Iyekeni lento meyinehlula nihlale okholweni nidle utshani nehlise ngo-petrol. Ngicasuka ngife ngivuke okwedangabene uma abantu abamnyama bephambuka esiNtwini sabo. Ngoba noma sewuthi uwelela ngaphesheya eslungwini, dololoh abazi lutho. Kanti bayiliphi.

Asiqale la kuqala. Yini izibizo? Uma kulotsholwa izinkomo ziba yisibaya somnumzane yize kuzona kuba khona nekama kulezonkomo. Bese kuthi uma sezikhishwe zonke lezonkomo zamalobolo kuthi uMama akhiphe incwadi yezipho kumbe izimpahla zakhe nomndeni wakhe.

Funda nalolu daba: UMamgobhozi: Washona Khwezi singakazi sikubone

Lezompahla ziyingxenye yelobolo eya ngqo kuMama kamakoti. Nakuzona-ke izimpahla zikamama kuyaba khona okukaBaba njengoba nasezinkomeni kuba khona nekamama. Kwenye indawo zibizwa ngoBiki-biki.

Uzwa abantu sebethi siya “kumembeso kaNokuthula (umakoti)” esikhundleni sokuthi “izibizo zikaMama kaNokuthula ngoba uyena olethelwa izimpahla kanye nomndeni wakhe owabelwayo kulelokhaya.

Uma-ke kulethwa lezo zibizo kuyembeswa. Ukwembesa isenzo, ayikho into ekuthiwa uMembeso. Ngenxa yokugwema izindleko zomgqigqo wemicimbi eminingi izibizo seziyaye zibhangqwe nomkhehlo kamakoti. Umkhehlo yiyonanto eqondene ngqo nomakoti. Kufika izinsizwa zakaMkhwenyana zizokupha umakoti izipho neziyalo ezinqala zasemendweni.

Emkhehlweni yilapho kumbathiswa khona umakoti, kushaywe indishi (ngesimanje) ku fakwe imali endishini agqokiswe “isikoti” salapho ezokwendela khona. Njengokuthi athengelwe izingubo neduku kumbe isigqoko.

Lezompahla ziwuphawu lokuthi angabe esagqokisa kwentombi akabe nophawu lobukoti. Umkhehlo okamakoti, izibizo ezikamama, izinkomo ezikababa. Finish, ngiqedile…ngiphinde nginizwe ke nithi uMembeso…klifi-klifi umembeso ngogaklaza umuntu!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...